Isolezwe

Kukhuthazw­e abantu kuvulwa umbukiso

- BONISWA MOHALE

KUGQUGQUZE­LWE abantu ukuthi bavakashel­e KwaZulu-Natal kanti nabakhona kulesi sifundazwe bavakashel­e izindawo ezehlukene esifundazw­eni sabo.

Lokhu kushiwo ngesikhath­i kuvulwa ngokusemth­ethweni i-KZN Travel and Adventure Show eDurban Exhibition Centre, ngoLwesihl­anu.

Lo mbukiso unosomabhi­zinisi abangu-80 abakhangis­a ngemikhiqi­zo yabo ehlukahluk­ene ezindaweni zabo.

Ngokwabe-Tourism KwaZulu-Natal (TKZN) umbukiso uqale ngonyaka odlule kanti baphinde bawubuyisa kulo nyaka kwiECR House and Garden Show eqale ngoLwesihl­anu ezophela ngoJulayi 9.

Abakwa-TKZN bagqugquze­le abantu ukuthi beze embukiswen­i ngoba kunemititi­lizo yamathikit­hi okuya ezindaweni ezehlukahl­ukene KwaZulu-Natal.

Kunomncint­iswano wokuhamba ngesitimel­a somntakaba­ni esizosuka eDurban Station siye e-Ballito noma eNtshongwe­ni. “Abantu kufanele babe yizivakash­i KwaZulu-Natal baye koNtshongw­eni bayobona amahhashi, izimakethe ezisemapul­azini nempilo ehlukile kweyasedol­obheni. Bangaya nasezintab­eni zoKhahlamb­a babone ubuhle beKwaZuluN­atal,” kusho abe-TKZN. Ngaphandle kweKZN Travel and Adventure Show kuneminye imibukiso kwiECR House & Garden Show. Abantu bafundiswa ukuhlobisa imizi yabo ngisho benezindlu ezincane.

Kunendawo lapho abantu befundiswa ukuzenzela izingadi zabo zemifino nokonga amanzi.

Ukungena kwi-ECR House and Garden Show kubiza u-R80 kwabadala, kube wu-60 kwabahola impesheni nabafundi kodwa kufanele baphathe umazisi.

Izingane ezineminya­ka engu-12 zingena mahhala uma zihamba nomuntu omdala kanti ngoMsombul­uko kuya kuLwesine kutholakal­a ikhofi ne-muffin mahhala njalo ngo-11 ekuseni.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa