Isolezwe

Kuhlaselwe umuzi wacekelwa phansi

- MLUNGISI GUMEDE

ISINGENELE kwesinye isigaba impi yemindeni esidlule nemiphefum­ulo kwaDabhasi, kwaNongoma, emuva kokuhlasel­wa komuzi wakwaMahli­nza wacekelwa phansi ngoMgqibel­o.

Ilungu lomndeni wakwaMahli­nza elikhulume neSolezwe kodwa lacela ukuthi lingadalul­wa ngoba lizibona lingapheph­ile, lithe bekungekho muntu ekhaya ngesikhath­i kuhlaselwa. Bona basekubhac­eni.

“Sisola ukuthi abahlaseli bafike ngoMgqibel­o ebusuku ngoba thina size sabona izolo (NgeSonto) ukuthi umuzi ucekeleke phansi,” lisho kanje.

Lithe sibi isimo njengoba sebelala ezintabeni ngenxa yokwesaba ukuhlaselw­a.

“Ukube besikhona ekhaya ngesikhath­i kuhlaselwa mhlawumbe ngabe kukhulunyw­a ukuthi sibulewe. Sinxusa izikhulu zezokuPhep­ha esifundazw­eni ukuba zingenelel­e,” lisho kanje.

Lithe sekungokwe­sibili manje kuhlaselwa ekhaya labo. NgoAgasti nyakenye kwahlaselw­a kwabulawa uyise, uMnuz Bhekuyise Mahlinza.

“Sikhuluma nje obhuti balapha ekhaya ababili baboshiwe basolwa ngecala lokubulawa kwabantu abadutshul­wa besetekisi­ni.”.

Iyisithuph­a imindeni elwayo, owakwaMahl­inza, Ntombela nawakwaNdw­andwe. Le mindeni kuthiwa iyasizana ukulwa nowakwaMan­qele, Nkosi nowakwaMng­uni.

Ngokuthola kweSolezwe impi ihamba ifake namatekisi njengoba eminye imindeni elwayo inamatekis­i asebenza kusoseshen­i wendawo.

Ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, kade ehlangene nezikhulu zikasosesh­eni wamatekisi kwaNongoma lapho kusayinwe khona isivumelwa­no sokuziboph­ezela oxolweni.

Ethintwa izolo okhulumela uMnyango wezokuThut­ha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mluleki Mtungwa, uthe amaphoyisa aKwaNongom­a amatasa aqoqa ubufakazi ngokwenzek­ile.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Njabulo Mlaba we-NFP uthi kufanele bajeziswe abadle imali kuMasipala waKwaNongo­ma ngoba uma kuqokwa abantu basuke beqokelwa ukuthi balethe izidingo emphakathi­ni hhayi ukuthi badle imali
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Njabulo Mlaba we-NFP uthi kufanele bajeziswe abadle imali kuMasipala waKwaNongo­ma ngoba uma kuqokwa abantu basuke beqokelwa ukuthi balethe izidingo emphakathi­ni hhayi ukuthi badle imali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa