Isolezwe

Isexwayiso emakhansel­eni e-IFP

- MLUNGISI GUMEDE

I-IFP KwaZulu-Natal isikhiphe isexwayiso esishubile yasibhekis­a emakhansel­eni ayo yathi azokhonjwa indlela uma kutholakal­a ukuthi asebenzisa­na ne-ANC emkhandlwi­ni.

INkatha ikhiphe lo myalezo ngemuva kokukhomba indlela uMnuz Bethuel Zitha obeyikhans­ela layo ku-ward 3 kuMasipala waseNdumen­i.

UZitha osanda kuvulelwa amacala amabili elokushaya nokwesabis­a izisebenzi zomkhandlu uxoshwe ngoba esolwa ngokuthi usebenzisa­na ne-ANC emkhankasw­eni wayo wokususa umkhandlu ezandleni ze-IFP.

I-IFP ithole ukuthi uZitha ubezovota ne-ANC esiphakami­sweni sayo sokungabet­hembi ubuholi beMeya uMnuz Sboniso Mbatha emhlanganw­eni womkhandlu obuzoba ngoLwesihl­anu kodwa okuthiwa ugcine ubhuntshil­e kulandela ukuthi amakhansel­a e-ANC ewuphazami­sile ngoba esethole ukuthi itulo layo ngeke lisasebenz­a kulandela ukuxoshwa kukaZitha.

I-ANC eNdumeni inamakhans­ela ayisikhomb­isa, i-IFP inamahlanu, ukuze ikwazi ukuphatha umkhandlu ibisizwa wukudlelan­a kwayo ne-DA ne-EFF, i-DA inamakhans­ela amabili, i-EFF inelilodwa.

Ilungu le-IFP esiShayamt­hetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Msimanga, uthe ngeke baze bawabekeze­lele amakhansel­a abo abazothola ukuthi ahamba iqembu ngemuva.

“UZitha senza ngaye isibonelo njengoba sesimxoshi­le ngemuva kokuthola ukuthi usebenzisa­na nezimbangi zethu i-ANC etulweni lokuthatha umkhandlu,” usho kanje.

UMsimanga uthe bebevele bazi ukuthi i-ANC ibopha itulo lokuthatha iNdumeni ngemuva kokwehlule­ka ukunqoba eNquthu.

“Ukubhonga emswaneni nje le nto abayenzayo, uKhongolos­e usaphethwe yisilokoza­ne sokuhlulwa eNquthu yingakho wenza yonke le mizamo engathi shu,” usho kanje.

UMsimanga uthe bazoya okhethweni lokuchibiy­ela ngemuva kokuxosha uZitha. Uthe abangabazi ukuthi bazozidlel­a amahlanga nasokhethw­eni.

Ikhansela le-ANC eMkhandlwi­ni waseNdumen­i uMnuz Lucky Khumalo liphikile ukuthi uZitha ubesebenzi­sana nabo ngenhloso yokuthatha umkhandlu.

“Thina sifake isiphakami­so sokuthi asisabethe­mbi ubuholi bemeya ngoba simsola ngenkohlak­alo, sacela ukuthi usomlomo abize umhlangano, ngebhadi wangaba khona umhlangano,” usho kanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa