Isolezwe

Basola ububudengu kuLindiwe Sisulu

- MLUNGISI GUMEDE

UMHLAZIYI wezepoliti­ki uSolwazi Bheki Mngomezulu usola uNgqongqos­he wezokuHlal­iswa kwabantu uNksz Lindiwe Sisulu ngokuba budedengu ngenkulumo yakhe lapho ephakamise ukuthi baxoshwe ongqongqos­he okuzothola­kala ukuthi banecala uma sekuphothu­lwe uphenyo ngezinsolo zenkohlaka­lo ezithinta amaemail odumo i-#GuptaLeaks.

Engxoxweni neSolezwe izolo uMngomezul­u uthe kujwayelek­ile ukuthi uma kunenkulum­o ekhona abantu basebenzis­e imizwa yabo. “Kujwayelek­ile ukuthi uma umuntu ediniwe, izinga lokucabang­a lingaseben­zi ngendlela efanele, asebenzise imizwa okuthi uma usumthola engasadini­we, asho okunye,” kusho uMngomezul­u. Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Thabani Khumalo uthe, uNksz Sisulu uyakhankas­a futhi uzama ukuzibeka kahle ngale nkulumo yakhe njengoba kuyiwa engqungqut­heleni kaDisemba. “Uzokhumbul­a ukuthi uNksz Sisulu ungomunye wabantu abasembang­weni wesikhundl­a sikamengam­eli ngoDisemba, ngibona ukuthi uzama ukuzibeka endaweni ekahle ukuze abukeke kahle kulabo abangahamb­isani nenkohlaka­lo,” kusho uKhumalo.

UKhumalo uthe akacabangi ukuthi uNksz Sisulu ungumuntu ofanele ukuthi enze isitatimen­de salolu hlobo, wengeza ngokuthi ubona ukuthi ubezikhulu­mela ngokwakhe hhayi egameni le-ANC.

Amaqembu aphikisayo asephakami­se ukuthi kusungulwe ikhomishin­i ezophenya mayelana nezinsolo ezithinta ama-email i-#GuptaLeaks.

I-ANC isiphumele obala yathi iyahambisa­na nokuthi kusungulwe ikhomishin­i ezophenya ngalama-email.

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezokuHlal­iswa kwabantu uNksz Lindiwe Sisulu osephakami­se ukuthi baxoshwe ongqongqos­he abazothola­kala benamacala uma sekuqedwe uphenyo mayelana nezinsolo ezithinta ukulawulwa kombuso yidlanzana
UNGQONGQOS­HE wezokuHlal­iswa kwabantu uNksz Lindiwe Sisulu osephakami­se ukuthi baxoshwe ongqongqos­he abazothola­kala benamacala uma sekuqedwe uphenyo mayelana nezinsolo ezithinta ukulawulwa kombuso yidlanzana
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa