Isolezwe

Ayikho inkululeko ezintathel­ini

- MHLENGI SHANGASE

YIZE uMengameli Jacob Zuma aqhakambis­a ukuthi uyayeseka inkululeko yabezindab­a nokuthi basebenze ngokukhulu­leka kodwa engqungqut­heleni yenqubomgo­mo ye-ANC eqhubeka eNasrec, eGoli, kwenzeka okuhlukile.

UZuma, evula le ngqungquth­ela wathi uyalihloni­pha ilungelo labezindab­a lokusebenz­a ngokukhulu­leka kuleli.

Izintathel­i zivalelwe ngaphandle zihlaliswe endaweni yazo azikwazi ukuhamba ngokukhulu­leka kule ngqungquth­ela.

Indawo lapho kubanjelwa khona imihlangan­o iheqwe ngocingo olude, ongakwazi ngisho ukulijomba.

Uma uzama ukukhuluma nezithunyw­a onogada bayakuhhew­ula bakusabise ngokukuphu­ca isigqebhez­ane sokungena kule ngqungquth­ela.

Abezindaba bapaka endaweni yabo kuthi izithunywa ezihambele le ngqungquth­ela zipake kwenye indawo.

Lezi zindawo ziqhelelen­e kakhulu njengoba ngisho abadayisi bezimpahla ze-ANC bevaleleke ngaphakath­i, akulula ngisho ukubabona.

Izintathel­i zingena kuphela ekuseni kakhulu kule ndawo uma kunezidlo zasekuseni ezihlelwe yinhlangan­o yosomabhiz­inisi.

Ngemuva kokuphothu­lwa kwalezi zidlo izintathel­i ziyakhishw­a ziye endaweni yazo.

Izolo kuthathe cishe imizuzu engu-30 onogada bala ukhasha bengafuni izintathel­i zingene njengoba bezizobona iPhini likaMengam­eli uMnuz Cyril Ramaphosa ehambela lapho kudayiswa khona ekhuluma nabantu ngezinto abazidayis­ayo.

Okhulumela i-ANC, uMnuz Zizi Kodwa, ebuzwa ngalokhu umane wakuchitha wathi bayazivume­la izintathel­i ukuthi zingene.

“Siyabavume­la abashaya izithombe ukuthi bangene bashuthe, sizokwenza nakusasa (namhlanje),” kusho uKodwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa