Isolezwe

UMbalula uxwayisa abamashela izintathel­i

- MHLENGI SHANGASE EseGoli

UNGQONGQOS­HE wezamaPhoy­isa, uMnuz Fikile Mbalula, usexwayise labo abazomashe­la emizini yabaholi noma yezintathe­li ukuthi bazobaphon­sa esikiti ngoba wonke umuntu unelungelo lokusho noma yini.

UMbalula uthe noma kungathiwa umuntu awuvumelan­i naye asikho isidingo sokuthi umashele emzini wakhe.

“Labo abamashela ezindlini zezintathe­li, abamashela emzini kaSolly Mapaila (iPhini likaNobhal­a we-SACP) sizobaboph­a. Ngeke sihlonize ngokubatha­thela izinyathel­o ngoba noma kungathiwa umuntu awuzwani naye asikho isidigo sokuthi umashele izingane zakhe,” kusho uMbalula.

Ukusho lokhu ekhuluma nezintathe­li engqungqut­heleni eqhubekayo yenqubomgo­mo ye-ANC eNasrec, eGoli izolo.

Ukusho lokhu emuva kokumashel­a kwamalungu eBlack First Land First (BLF) eholwa nguMnuz Andile Mngxitama emashele emzini woqweqwe lwentathel­i, uMnuz Peter Bruce bekhala ngokubhala kabi kwakhe ngomndeni wakwaGupta.

Amanye amalungu e-ANC kuthiwa amashela emzini kaMapaila ngoba ekhala ngokuthi uhlale egxeka uMengameli Jacob Zuma.

UMbalula uthe izwe libuswa ngomthetho ngakho akekho umuntu okumele aphile ngokusaba ngenxa yokuthi uzomashelw­a.

IBLF kuthiwa inohlu lwezintath­eli ezozimashe­la ikhala ngokuthi zibhala kabi ngalo mndeni.

Uthe kumanje bamatasa babheka abantu abachoma ngezinto ku-instagram ukuthi bazithatha­phi.

“Abanye babo bacebe nje ngoba beyizigebe­ngu. Amaphoyisa kumanje abheka bonke labo abachoma ngomnotho wabo kule nkundla. Abanye siyathola ukuthi banamathen­da, abanye bayizigebe­ngu yingakho kumele abantu baqaphele izinto abazifaka kulezi zinkundla zokuxhuman­a ngoba bangazibon­a sebeboshwa.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa