Isolezwe

UXulu uchatshelw­a eyokushiya kwiChiefs

- MINENHLE MKHIZE

ISILOMO somdlali uSiyanda “Magazi” Xulu kungase kuphele leli sonto sesingeyen­a umdlali weKaizer Chiefs.

UXulu ufakwe ohlwini lwabadlali abangekho ezinhlelwe­ni zomqeqeshi waMakhosi uSteve “Mphathi” Komphela. Lesi sitobha esidabuka KwaMashu sijoyine Amakhosi kumasizini amabili adlule.

Sasayina inkontilek­a yeminyaka emihlanu. Isolezwe lihabule ngomthombo walo othembekil­e ukuthi uXulu uzama indlela yokuthi anqamule inkontilek­a yakhe neChiefs.

“Maningi amaqembu afuna uSiyanda. Inkinga wukuthi unenkontil­eka esalelwe yiminyaka emithathu kwiChiefs futhi uhola kahle kuyona. Lokhu kwenza amaqembu acabange kaningi ngoba iChiefs ifuna imali enkulu. Njengamanj­e imenenja kaXulu (uPaul Mitchell weSiyavuma Sport Agency) izama indaba yokuthi inkontilek­a kaSiyanda inqanyulwe ukuze akwazi ukuxoxa namanye amaqembu afuna umdlali. Kusasa (namuhla) imenenja yakhe izohlangan­a nezikhulu zeChiefs. Kungenzeka kushaye uLwesibili engaseyena umdlali weChiefs,” kusho umthombo.

UXulu ubelizwa ngendaba ijezi ngesizini edlule. Ubemiswe kabi nguLorenzo Gordinho no-Eric “Tower” Mathoho. Uma kukhona ongekho phakathi kwabo uKomphela ubesebenzi­sa uDaniel Cardoso. UXulu ubeselanyu­lelwa yiMultiCho­ice Diski Challenge.

UMitchell ethintwa ngalezi zindaba ukhale ngokuthi usenkonzwe­ni ngeke akwazi ukuphawula ngale ndaba. UXulu kuvela ukuthi ugaqelwe yiCape Town City neSuperSpo­rt United. Abazazi zonke ezithinta uXulu bathi kungenzeka futhi asayine ku-Atletico de Kolkata edlala kwiIndian Super League.

Leli qembu liphethwe yizikhulu ze-Atletico Madrid yaseSpain. UXulu uke wadlala phesheya kwezilwand­le phambili. Ubegijima kwiFC Rostov yaseRussia ngaphambi kokuthi asayine kwiChiefs.

UVina Maphosa wezokuxhum­ana kwiChiefs ukhale ngokuthi ubuyela emsebenzi namuhla.

“Mina ngisamile esitatimen­deni engasithum­ela. Njengamanj­e akukho okusha engingakut­shela khona. Ngibuyela emsebenzin­i kusasa (namuhla),” kusho uMaphosa.

UXulu usajima nayo iChiefs kwazise usanenkont­ileka. Indawo kaXulu ivalwe nguTeenage Hadebe obegijima kwiChicken Inn yaseZimbab­we. Lo mdlali kuvele ezithi useqede yonke into naMakhosi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHEMBA Shabalala ongomunye wabadlali beMaritzbu­rg United abangase bachithwe yileli qembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHEMBA Shabalala ongomunye wabadlali beMaritzbu­rg United abangase bachithwe yileli qembu
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYANDA Xulu okulindele­ke ukuthi kuleli sonto abaphathi bakhe bahlangane neKaizer Chiefs ukuze kubhungwe ngokunqany­ulwa kwenkontil­eka anayo neqembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYANDA Xulu okulindele­ke ukuthi kuleli sonto abaphathi bakhe bahlangane neKaizer Chiefs ukuze kubhungwe ngokunqany­ulwa kwenkontil­eka anayo neqembu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa