OweWits ushaya amakhala ngoSangweni
ISIKHULU seBidvest Wits uJose Ferriera sishaya amakhala ngomdlali ogaqelwe yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uThamsanqa “General” Sangweni oyibamba enkabeni yenkundla.
Ngesonto eledlule uSangweni ubezilolonga neWits engompetha be-Absa Premiership neMTN 8. USangweni uyinyama emaqenjini agijima kwiPremiership. Lo mdlali waseDondotha, eMpangeni unenkontileka yeminyaka emithathu neChippa United angukaputeni wayo.
UFerriera utshele Isolezwe ukuthi mancane amathuba okuthi bazogcina bemsayinisile uSangweni.
“USangweni ungumdlali oseqophelweni eliphezulu. Ujime nathi izinsuku ezintathu. Inkinga esibhekene nayo wukuthi sinabadlali abaningi abadlala kule ndawo ayidlalayo. Uzilolonge nathi ngoba sizitshela ukuthi kukhona abadlali bethu asizobadedela kodwa sengathi ngeke besahamba,” kusho uFerriera.
USiviwe “Chippa” Mpengesi usanda kutshela leli phephandaba ukuthi uvule izandla uma kuneqembu elifuna ukuthenga uSangweni. KwiWits uSangweni ubezofike abange ijezi noThabang Monare, Xola “Ten Ten” Mlambo, Granwald Scott, Ben Motshwari noPhumlani “Mkutu” Ntshangase. Kanti iWits isanda kusayinisa uDaylon Classen.
UMpengesi ethintwa yileli phephandaba izolo emini uvumile ukuthi nguyena onike uSangweni imvume yokuyojima neWits.
“IWits isithintile ithi ifuna ukumbonela eduze uSangweni. Thina-ke lapha kwiChippa asigwevi nomdlali uma sibona ukuthi iqembu elimfunayo lizoshintsha impilo yakhe. Yingakho kube lula ukuthi sivume iWits imbonele eduze. Uma isicelo sisihle sizomdedela uThami. Uvele useshilo ukuthi angathanda ukuthola amadlelo aluhlaza ngakho ngeke simvimbe. Kumasizini adlule sidedele inqwaba yabadlali abebethola izicelo ezinhle. Kusasa (namuhla) silindele ukuthi iWits isitshele ukuthi ufuna kwenzekeni ngaye. Ngemuva kwalokho sesingaziqala izingxoxo,” kusho uMpengesi.
USangweni useke wadlala eqenjini elikhulu phambilini. Ngo-2012 wajoyina iMamelodi Sundowns esuka kuMaZulu. Le njini idlalile eqenjini lesizwe lika-Under-23. KwiBafana Bafana inemidlalo emithathu.
KwiSundowns washiya ngoba ecasulwa yindaba yokuhlaliswa ebhentshini ekubeni wayenza kahle uma ethole ithuba.