UHorn usefuna impi noMayweather
UMPETHA omusha weWorld Boxing Organisation (WBO) welterweight, uJeff Horn, usefuna esitikini ingqwele yomhlaba uFloyd “Money” Mayweather.
UHorn, oyivukana elezimpi ezingu-18, ujabhise iningi elilandela isibhakela emhlabeni ehlula ngamaphuzu uManny Pacquiao empini ebikade iseBrisbane, e-Australia, izolo ekuseni. Amajaji womathathu ayinike uHorn kuba 117-111, 115-113 no-115-113. UHorn uthole ithuba lokubhekana noPacquiao emuva kokubukisa ngo-Ali “Rush Hour” Funeka waseNingizimu Afrika empini ebingoDisemba nyakenye. Njengoba bekukade kuvele kulindelekile, uPacquiao uqale ngomfutho, waqoqa amaphuzu emizuliswaneni yokuqala kodwa wahluleka ukumelana namandla kaHorn ngokuhamba kwesikhathi. Ekhuluma esithangamini nabezindaba kwi-You Tube emuva kokuwina impi, uHorn ubize esitikini noMayweather.
“Okukodwa okusheshayo. Lokhu ngikubhekise phesheya kwezilwandle kuFloyd Mayweather futhi akulona ihlaya. Ufuna kuphi? Udondolo noma igilavu? Woza uzothola impi yangempela” kusho uHorn.
Mayelana nokuhlula uPacquiao uthe: “Ubekade eshesha uma ezoshaya izibhakela zilandelana kodwa ukulawula isikhala phakathi kwethu bekwenza ngikwazi ukubona izibhakela zakhe zisekude. Ngicabanga ukuthi umehluko wobude ungisebenzele.”
Nakuba uHorn ebakade ezwakala ejahile ukulwa noMayweather kodwa kungenzeka abambezeleke ngenxa yokuthi usayine umbandela wempi eyimpinda noPacquiao nokusho ukuthi kufanele anikeze yena ithuba kuqala. Ngaphandle kwalokho uMayweather uhlelelwa impi ezoba ngenyanga ezayo noConor McGregor olwa i-kickboxing.
Emuva kwempi izolo uPacquiao uthe ukholwa wukuthi uyiwinile impi.
“Besicabanga ukuthi siyiwinile le mpi. Anginayo inkinga ngempi eyimpinda. Kungaba ngcono uma singaphinda ePhilippines,” kusho uPacquiao.
Yize uPacquio ebakade esopha phezu kwamehlo womabili okudalwe wukudabuka okwenzeke impi isanda kuqala, ubuye ngamandla ngemizuliswano yokugcina.