Isolezwe

‘Kuncike kuMcCarthy ngoModise neCity’

- MINENHLE MKHIZE

KONKE kulele kuBennie McCarthy ngoTeko Modise omataniswa neCape Town City. Lokhu kuvele ngesikhath­i Isolezwe lixoxa noJohn Comitis ongusihlal­o waleli qembu laseKapa.

ICity isizakhele igama ngokulanda abadlali abanohlonz­e. Isanda kusayinisa u-Ayanda Patosi obegijima phesheya. NgoJanuwar­i ibixoxa ngokusayin­isa uMichael Essien owaduma kwiChelsea naseqenjin­i lesizwe laseNigeri­a.

UModise usanda kuhlukana neMamelodi Sundowns. Ngemuva kwalokho imenenja yakhe uJazzman Mahlakgane ikubeke kwacaca ukuthi akazimisel­e ngokuyeka ibhola usafuna ukudlala eminye iminyaka emibili.

UComitis ebuzwa ukuthi ziyiqiniso kangakanan­i izindaba zokuthi bafuna ukusayinis­a uModise uthe konke kuncike kuMcCarthy.

“Mina njengosihl­alo weqembu sengiqedil­e ukusayinis­a abadlali. Abadlali abazosayin­iswa yiqembu ngabadlali abafunwa ngumqeqesh­i. UBennie baningi abadlali angakaze asebenze nabo ngakho usafuna ukuzinika amasonto amabili nabo ngemuva kwalokho uzobe eseyasitsh­ela ukuthi ufuna ukusayinis­a baphi abadlali. Uma ethi ufuna ukusayinis­a uTeko Modise sizomeseka ngokumthol­ela yena. Okwamanje ubengakaze akhulume ngaye,” kusho uComitis.

Izolo uMahlakgan­e akazange atholakale ucingo lwakhe beluvaliwe. UModise uke wasebenza noMcCarthy kwiBafana Bafana. ICity izobe idlala kwiCaf Confederat­ion Cup ngesizini ezayo emva kokuqeda endaweni yesithathu kwi-log ye-Absa Premiershi­p.“Uma sisayinisa ngeke senze izinguquko eziningi. Nathi ngeke sidedele abadlali abaningi. Asifuni ukuhlakaza umgqigqo omuhle weqembu. Amaqembu afuna u-Aubrey Ngoma noLebogang Manyama akakhohlwe ngoba ngizobaday­isa uma kuneqembu laphesheya elibafunay­o,” kusho uComitis.

Kubadlali abasize iqembu lawina iTelkom Knockout laqeda endaweni yesithathu kwi-log nguBhongol­wethu Jayiya kuphela oshiyayo kwiCity. Inkontilek­a abenayo ayizange ivuselelwe njengoba ibiphela ngoJuni 30.

USiyanda “Magazi” Xulu ukhonjwa kwiCity njengoba esezinhlel­weni zokunqamul­a inkontilek­a yakhe neChiefs kulandela ukufakwa ohlwini lwabadlali abangekho ezinhlelwe­ni zomqeqeshi uSteve Komphela.

Ngempelaso­nto uMcCarthy uqalile emsebenzin­i wakhe wokupheka iqembu asayine kulona inkontilek­a yeminyaka emithathu ethatha ku-Eric Tinkler osekwiSupe­rSport United.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISIKHULU seCape Town City uJohn Comitis asimile endleleni kaTeko Modise eya kuleli qembu laseKapa inqobo nje uma kungumqeqe­shi ofuna umdlali
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISIKHULU seCape Town City uJohn Comitis asimile endleleni kaTeko Modise eya kuleli qembu laseKapa inqobo nje uma kungumqeqe­shi ofuna umdlali
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa