I-Team of Choice ihlela ukuchitha abadlali
KUZOKHALA izembe kubadlali “abayikha ngamafosholo” kwiMaritzburg United okuvela ukuthi izama ukunciphisa izindleko ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2017/2018.
ITeam of Choice, eqede endaweni yesikhombisa kwilog ye-Absa Premiership ngesizini edlule, ithule obeyiphini lomqeqeshi uFadlu Davids njengozothatha indawo ngokugcwele ngesizini entsha. UDavids ubekelwe umbandela wokuqeda endaweni yesihlanu kwi-log aphinde afake iqembu kowamanqamu womkhumulajezi. Usihlalo weMaritzburg, uFarook Kadodia, ukuqinisekisile ukuthi uzomeseka ngayo yonke indlela uDavids ukuze kufezeke isifiso seqembu. Nokho ekupheleni kwesonto eledlule kuthuke iningi ngesikhathi iTeam of Choice ikuqinisekisa ukuthi isihlukene nensika uKurt Lentjies, obengukaputeni, kwathiwa akayivuselelanga inkontileka ngoba esefuna ukuyodlala kwiChippa United yasePort Elizabeth eseduze nakubo eKapa. Nokho Isolezwe lithole ukuthi leli qembu lihlulekile ukuvumelana noLentjies ngemali abeyifuna. Kuthiwa iTeam of Choice izama ukwehlisa izindleko kwazise akucaci ngokuvuselela kwabaxhasi okunguMasipala uMsunduzi osekuphele isivumelwano seminyaka emithathu nawo. UMsunduzi wazibophezela ngo-2014 ukuthi uzofaka u-R12 million kwiMaritzurg kuze kuphele iminyaka emithathu. Leli phephandaba lithole ukuthi ngendlela isimo esibi ngayo, izikhulu zeMaritzburg sezizame nokudayisa abadlali ukuze kube khona amangqushana angenayo.
“Kuningi okwenzekayo lapha. Iqembu lizama ukonga, selizama ukudayisa nabadlali ukuze lenze imali. Abadlali abazosala abadala futhi abanezinkontileka ezinde. Kubukeka kuzosala uBevan (Fransman) noWeildich (Denis),” kusho umthombo.
“Umgomo abawubekele umqeqeshi awusahambisani nokwenzekayo ngoba bachitha abadlali. Kuzogcina kusale abadlali abasebancane nabanenselelo yokugqama ngesizini ezayo.”
Kubadlali obekuzanywa ngabo imali kukhona uBrian Onyango waseKenya obebhekiswa kwiMamelodi Sundowns kodwa kwangalunga no-Evans Rusike obedayiselwa i-Orlando Pirates. ISundowns ifuna umdlali waphakathi nendawo emumva ozovala isikhala sikaThabo Ntethe. URusike kuthiwa unikwe ikhefu ngoba ubedlala eqenjini lesizwe laseZimbabwe. Unozinti waseNamibia, uVirgil Vries, kuthiwa ulindwe yizembe njengoba engakabuyi ekade edlalela izwe lakhe kuCosafa Cup eseNorth West. Kuvele ukuthi uBryce Moon vele usechithiwe. UThemba Tshabalala akakanikwa inkontileka entsha. Ngaphambi kokuphela kwesizini iMaritzburg ihlulekile ukudayisa uDeolin Mekoa kwiSundonws. Kuvele ukuthi ibifuna itshe lemali.
Okhulumela iMaritzburg, uBrian Zuma, uvumile ukuthi asikasayinwa isivumelwano esisha noMsunduzi.
“Izingxoxo zisaqhubeka noMasipala, akukho osekusayiniwe okwamanje. Kusasa (namuhla) sizomemezela bonke abadlali abahambayo eqenjini. Nginesiqiniseko sokuthi ngeke babe ngaphansi kwabane,” kusho uZuma.