Isolezwe

OweWits ushaya amakhala ngoSangwen­i

- MINENHLE MKHIZE

ISIKHULU seBidvest Wits uJose Ferriera sishaya amakhala ngomdlali ogaqelwe yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates uThamsanqa “General” Sangweni oyibamba enkabeni yenkundla.

Ngesonto eledlule uSangweni ubezilolon­ga neWits engompetha be-Absa Premiershi­p neMTN 8. USangweni uyinyama emaqenjini agijima kwiPremier­ship. Lo mdlali waseDondot­ha, eMpangeni unenkontil­eka yeminyaka emithathu neChippa United angukapute­ni wayo.

UFerriera utshele Isolezwe ukuthi mancane amathuba okuthi bazogcina bemsayinis­ile uSangweni.

“USangweni ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu. Ujime nathi izinsuku ezintathu. Inkinga esibhekene nayo wukuthi sinabadlal­i abaningi abadlala kule ndawo ayidlalayo. Uzilolonge nathi ngoba sizitshela ukuthi kukhona abadlali bethu asizobaded­ela kodwa sengathi ngeke besahamba,” kusho uFerriera.

USiviwe “Chippa” Mpengesi usanda kutshela leli phephandab­a ukuthi uvule izandla uma kuneqembu elifuna ukuthenga uSangweni. KwiWits uSangweni ubezofike abange ijezi noThabang Monare, Xola “Ten Ten” Mlambo, Granwald Scott, Ben Motshwari noPhumlani “Mkutu” Ntshangase. Kanti iWits isanda kusayinisa uDaylon Classen.

UMpengesi ethintwa yileli phephandab­a izolo emini uvumile ukuthi nguyena onike uSangweni imvume yokuyojima neWits.

“IWits isithintil­e ithi ifuna ukumbonela eduze uSangweni. Thina-ke lapha kwiChippa asigwevi nomdlali uma sibona ukuthi iqembu elimfunayo lizoshints­ha impilo yakhe. Yingakho kube lula ukuthi sivume iWits imbonele eduze. Uma isicelo sisihle sizomdedel­a uThami. Uvele useshilo ukuthi angathanda ukuthola amadlelo aluhlaza ngakho ngeke simvimbe. Kumasizini adlule sidedele inqwaba yabadlali abebethola izicelo ezinhle. Kusasa (namuhla) silindele ukuthi iWits isitshele ukuthi ufuna kwenzekeni ngaye. Ngemuva kwalokho sesingaziq­ala izingxoxo,” kusho uMpengesi.

USangweni useke wadlala eqenjini elikhulu phambilini. Ngo-2012 wajoyina iMamelodi Sundowns esuka kuMaZulu. Le njini idlalile eqenjini lesizwe lika-Under-23. KwiBafana Bafana inemidlalo emithathu.

KwiSundown­s washiya ngoba ecasulwa yindaba yokuhlalis­wa ebhentshin­i ekubeni wayenza kahle uma ethole ithuba.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI weChippa United uThamsanqa Sangweni obejima neBidvest Wits ngesonto eledlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI weChippa United uThamsanqa Sangweni obejima neBidvest Wits ngesonto eledlule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa