Isolezwe

UHorn usefuna impi noMayweath­er

- ZAKHELE XABA

UMPETHA omusha weWorld Boxing Organisati­on (WBO) welterweig­ht, uJeff Horn, usefuna esitikini ingqwele yomhlaba uFloyd “Money” Mayweather.

UHorn, oyivukana elezimpi ezingu-18, ujabhise iningi elilandela isibhakela emhlabeni ehlula ngamaphuzu uManny Pacquiao empini ebikade iseBrisban­e, e-Australia, izolo ekuseni. Amajaji womathathu ayinike uHorn kuba 117-111, 115-113 no-115-113. UHorn uthole ithuba lokubhekan­a noPacquiao emuva kokubukisa ngo-Ali “Rush Hour” Funeka waseNingiz­imu Afrika empini ebingoDise­mba nyakenye. Njengoba bekukade kuvele kulindelek­ile, uPacquiao uqale ngomfutho, waqoqa amaphuzu emizuliswa­neni yokuqala kodwa wahluleka ukumelana namandla kaHorn ngokuhamba kwesikhath­i. Ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a kwi-You Tube emuva kokuwina impi, uHorn ubize esitikini noMayweath­er.

“Okukodwa okusheshay­o. Lokhu ngikubheki­se phesheya kwezilwand­le kuFloyd Mayweather futhi akulona ihlaya. Ufuna kuphi? Udondolo noma igilavu? Woza uzothola impi yangempela” kusho uHorn.

Mayelana nokuhlula uPacquiao uthe: “Ubekade eshesha uma ezoshaya izibhakela zilandelan­a kodwa ukulawula isikhala phakathi kwethu bekwenza ngikwazi ukubona izibhakela zakhe zisekude. Ngicabanga ukuthi umehluko wobude ungisebenz­ele.”

Nakuba uHorn ebakade ezwakala ejahile ukulwa noMayweath­er kodwa kungenzeka abambezele­ke ngenxa yokuthi usayine umbandela wempi eyimpinda noPacquiao nokusho ukuthi kufanele anikeze yena ithuba kuqala. Ngaphandle kwalokho uMayweathe­r uhlelelwa impi ezoba ngenyanga ezayo noConor McGregor olwa i-kickboxing.

Emuva kwempi izolo uPacquiao uthe ukholwa wukuthi uyiwinile impi.

“Besicabang­a ukuthi siyiwinile le mpi. Anginayo inkinga ngempi eyimpinda. Kungaba ngcono uma singaphind­a ePhilippin­es,” kusho uPacquiao.

Yize uPacquio ebakade esopha phezu kwamehlo womabili okudalwe wukudabuka okwenzeke impi isanda kuqala, ubuye ngamandla ngemizulis­wano yokugcina.

 ?? Isithombe: EPA Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? BEZIHLALA kanjena izibhakela zikaJeff Horn ebusweni bengqwele yomhlaba uManny Pacquiao empini yebhande le-WBO welterweig­ht ebikade ise-Australia izolo ekuseni UTEMBA Bavuma wamaProtea­s ngomunye wabadlali ababhekiwe ukuthi bahole iNingizimu Afika...
Isithombe: EPA Isithombe: BACKPAGEPI­X BEZIHLALA kanjena izibhakela zikaJeff Horn ebusweni bengqwele yomhlaba uManny Pacquiao empini yebhande le-WBO welterweig­ht ebikade ise-Australia izolo ekuseni UTEMBA Bavuma wamaProtea­s ngomunye wabadlali ababhekiwe ukuthi bahole iNingizimu Afika...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa