Isolezwe

AmaProteas azolwela eyokukleli­swa nge-England

- MINENHLE MKHIZE

AMA-PROTEAS abheke umgqigqo omuhle emidlalwen­i emine yochungech­unge lwama-Test azoyidlala ne-England ekuhambeni.

Iqembu laseNingiz­imu Afrika likhale ngaphansi ochungechu­ngeni lwemidlalo yeT20 neyosuku. Njengamanj­e isizodlala ne-England emidlalwen­i emine yama-Test. Umdlalo wokuqala use-The Lord’s ngoLwesine.

ULinda Zondi oyinhloko yethimba labaqoki utshele Isolezwe ukuthi bafuna ukuqhubeka nomgqigqo wabo omuhle emidlalwen­i yama-Test.

“Iqembu lethu lama-Test lenza kahle kulezi zinsuku. Isifiso sethu wukuhlala endaweni yokuqala ekuklelisw­eni kwamazwe emidlalwen­i yama-Test. Lokhu kumele sikwenze ngokuthi sishaye amaqembu afana ne-England,” kusho uZondi.

AmaProteas asefomini emidlalwen­i yama-Test. Aqumbe phansi iNew Zealand ngo-1-0 ekuhambeni, athela othulini i-Australia ngo-2-1, avithiza iSri Lanka ngo-3-0 abhabhadis­a namaBlack Caps ngo-1-0 ochungechu­ngeni lwemidlo emibili eNingizimu Afrika.

AmaProteas agcina ukushaywa ngoJanuwar­i 2016 equnjwa iyona e-England ekhaya.

“Siyazi ukuthi ngeke kube lula ukukhipha i-England esibayeni sayo kodwa uma senza kahle izinto ezilula sase sinqobe imizuzu emqoka emidlalwen­i nakanjani sizophumel­ela,” kusho uZondi.

UHienho Kuhn kulindelek­e ukuthi avule noDean Elgar. UStephen Cook obevula no-Elgar ushaywe ngesithend­e esikwatini esiyodlala e-England. Lokhu kulandela ukushaya udaka eNew Zealand ekuqaleni konyaka.

INingizimu Afrika sekuphele iminyaka emibili izama ukuvala isikhala sika-Alviro Petersen owathatha umhlalapha­nsi emidlalwen­i yamazwe. Sekuzanywe abadlali abaningi kule ndawo.

AmaProteas ahlezi endaweni yesibili ekuklelisw­eni kwamazwe emidlalwen­i yama-Test. I-England abadlala nayo iyibambe endaweni yesine. I-India iyona ehlezi endaweni yokuqala. Khona manjalo iqembu lesizwe lakuleli labesifaza­ne lizibeke endaweni enhle yokufinyel­ela kuma-semi final eNdebe yoMhlaba kulandela ukuthela othulini iWest Indies ngamawiket­hi ayishumi emdlalweni wesithathu wamaqoqo.

Elakuleli liyikhiphe yonke iWest Indies isiyenze ama-run angu-48 kuma-over angu-26. Izintokazi zakuleli kuzithathe ama-over ayisikhomb­isa ukufica lesi sibalo sama-run. NgoJulayi 5 elakuleli lizodlala ne-England bese kuthi ngoJulayi 8 lidlale ne-India, lilandele neSri Lanka ngoJulayi 12 bese livala eyamaqoqo ne-Australia ngoJulayi 15.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa