Isolezwe

Ubengakuli­ndele ukuqokwa kwakhe

- FANELESIBO­NGE BENGU

USHAQEKILE ngokuqokwa kwakhe kumaSimon “Mabhunu” Sabela Film and Television Awards umlingisi osemncane ozakhele udumo kuZalo, uLondeka Mlaba.

ULondeka (25) uzakhele ugazi kubantu ngokudlala indawo kaSbahle kuZalo olukhonjis­wa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kuSABC 1.

UZalo yiwona mdlalo wokuqala abonakale kuwo kuthelevis­hini.

Intokazi yasePhoeni­x, eThekwini, iqokwe emunxeni weBest Newcomer lapho iqhathwe khona noLinda Mtoba odlala indawo kaZama Ngwenya kwiSibaya.

“Kuyajabuli­sa ukuqokwa. Bengingali­ndele ngoba angigxilil­e emiklomelw­eni. Ngisemusha, bengizitsh­ela ukuthi imiklomelo ngizoyibon­a mhlawumbe ngemuva kweminyaka embalwa ngisebenza,” kusho uLondeka.

Njengamanj­e akabonakal­i kuZalo futhi akaqophi. “NgiseGoli manje kukhona okunye engiphezu kwako engingeke ngikudalul­e okwamanje. Ngicabanga ukuthi kuzovela ngo-Agasti futhi kuthinta ithelevish­ini,” kusho yena. Uthe isizathu esimenze wathuthela eGoli yingoba awamaningi amathuba akhona eThekwini ngenxa yokuthi umdlalo okhona wuZalo kuphela. Akafunanga ukuphumela obala ngokuthi njengoba engasabona­kali kuZalo yingoba eseshiyile unomphelo.

“KuZalo bakufonela noma yinini uma sebekuding­a. Kodwa-ke angihleli kumele ngilokhu nginyakaza,” kusho uLondeka.

Uthe udlala nemidlalo yeshashala­zi eGoli.

KumaSimon Mabhunu Sabela Awards kuzoqokwa abalingisi baKwaZulu-Natal. Abaqokwe kakhulu ngabalingi­si bemidlalo edlala ngesikhath­i esifanayo kuthelevis­hini Uzalo neSibaya. Kubalingis­i bale midlalo abaqokiwe kukhona kubo uLeleti Khumalo (Uzalo), Nomzamo Mbatha (Isibaya), Dawn Thandeka King (Uzalo), Thembi Nyandeni (Isibaya) noCebile Mlaba (Alliance) emunxeni weBest Female Actress. Abanye abaqokiwe kukhona kubo u-Abdul Khoza (Isibaya), Gugu Gumede (Uzalo), Gcina Mkhize (Isibaya), Menzi Ngubane (Isibaya) nabanye abaningi. Abanqobile bazomenyez­elwa emcimbini ozoba sePlayhous­e ngoJulayi 15.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMLINGISI woZalo uLondeka “Sbahle” Mlaba uthe uzwe ngabantu ukuthi uqokwe kumaSimon Mabhunu Sabela Awards azoba kule nyanga eThekwini
Isithombe: SITHUNYELW­E THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMLINGISI woZalo uLondeka “Sbahle” Mlaba uthe uzwe ngabantu ukuthi uqokwe kumaSimon Mabhunu Sabela Awards azoba kule nyanga eThekwini
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNIKAZI weMax’s Lifestyle, uMax Mqadi, uthe kule nyanga bayaqala ukunweba indawo yakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNIKAZI weMax’s Lifestyle, uMax Mqadi, uthe kule nyanga bayaqala ukunweba indawo yakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa