Isolezwe

Kuzonwetsh­wa iMax’s Lifestyle yobumnandi

- FANELESIBO­NGE BENGU

NJENGOBA sekudlule isiphithip­hithi seVodacom Durban July, sekuzoqala ukunwetshw­a kwendawo yobumnandi eMlaza, iMax’s Lifestyle.

Umnikazi wendawo, uMax Mqadi, uthe ukulungisw­a kuzoqala ngoJulayi 20.

Uthe bazonweba indawo yokuhlala phansi neyezicuku­thwane, iVIP wathi bazophinde benze i-paving endaweni yokupaka izimoto.

Le ndawo inwetshwa nje akukapheli sikhathi esingakana­ni kwakhiwe indawo yokuwasha izimoto neMax’s Lifestyle Auto Spa eteketiswa ngeNkandla.

“Kuzobakhon­a ukuphazami­seka kwabantu kancane ngoba kuzovalwa uhhafu wendawo uma kusalungis­wa kuthi uma kuqedwa bese kuvalwa omunye. Inkandla yiyona ezobe isetshenzi­swa kakhulu nohhafu oyobe uvuliwe,” kusho uMax.

Ugcizelele ukuthi kuzobe kungavaliw­e thanqa eMax’s Lifestyle futhi kuzobe kusetshenz­wa. Uthe uma eseqedile ukunweba iMax’s Lifestyle uyobe esebheke ukwakha ihhotela.

“Indaba yehhotela sekuyoba ngeyonyaka ozayo,” kusho uMax.

Ihhotela lizoba namagumbi alinganise­lwa ku-25 nendawo yokuba nemicimbi noma imihlangan­o.

NgeSonto impelasont­o yeDurban July isongwe ngomcimbi iDurban July Wrap Up Party obekungoka-10 ikhona.

Abantu bebephume ngobuningi babo kanti uMax uthe badayise amathikith­i angu-4 500.

“Umcimbi uhambe kahle kakhulu abantu beziwinela ama-plasma screens noR10 000 eStandard Bank. U-Cassper noSomizi bakwabajab­ulise abantu,” kuchaza uMax.

Umbono wokwakha ihhotela uMax umfikele ngesikhath­i kusaphethe uMike Sutcliffe njengemene­nja kamasipala weTheku.

KUGXEKWA UMSAKAZI OBIZE UZUMA NGOMKHOVU

Mfanafuthi Jika Pantsula Nzuza: Umengameli unebhadi nokungenad­osi kuyatinyel­a nje kuyena. Hhayi akulutho kodwa uKhisimusi wabo nabo abazitike.

Thulani Vusumuzi: Webantu basemhlabe­ni ave kubaluleki­le uma niphawula nibheke nani ukuthi aninyathel­i abanye obhozo. Asingacwas­ani. Le nto eyenziwe yilo mfo angiyamuke­li mina. Okokuqala umuntu omdala ngafundisw­a ukuthi ngimhlonip­he ngiyamazi angimazi akusho lutho futhi aze athi isilungu esikhuluny­wa umengameli sigwegwile phela naye leso silungu akusona asincela, ulwimi lwezifiki.

ULIBOFUZO LUVUNE UMANYISA KWELENGANE

Mbongeni Shezi: Ucishe wondla ibhomu. Kungaba ngcono osisi abasulela abanye ngezingane kube nesijeziso abasithola­yo bangavele bayekwe nje. Kodwa nani bantu besilisa niyahlupha ngokuhamba nilala nje, anizame ukuzihloni­pha.

Jabulani Javasi Mbatha: Kahleni bo ngoManyisa ningamsuke­li nje ngoba lo mama wengane kwaqala yena wadumisa amanga wathi unengane noManyisa leyo ndaba yaze yafika nakulo Isolezwe mina ngithi wenze kahle (ngokuphume­la obala). UVALO NGEMALI EQOQWAYO E-GLEBE Mbongi Dlamini: Laze layinkinga nali ihostela. Kazi ubani oyolungisa lezi zinkinga ezibhekene nalo. Goqozile Ndwandwe: kumele isukunyelw­e. Indaba yaleli hostela

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa