Isolezwe

Isiphakami­so silethe ithemba lobumbano

- MHLENGI SHANGASE EseGoli

KULOKOZA inhlansi yethemba ngobumbano kwi-ANC ngenxa yesiphakam­iso sikaSihlal­o we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, sokuthi ozohlulwa embangweni wokuba ngumengame­li wenhlangan­o ngoDisemba kumele abe yiPhini likaMengam­eli.

Isiphakami­so kuthiwa sesekwa ngisho nawuMengam­eli Jacob Zuma okuthiwa uke wakhuluma ngaso kwamanye amakhomish­ini engqungqut­heleni.

Ngempelaso­nto uZikalala uphakamise ukuthi ukuze kube nobumbano bazoyifaka ixoxwe eyokuthi lowo ozokhala ngaphansi kumele abe yiphini.

Izolo uNobhala we-ANC e-Eastern Cape, uMnuz Oscar Mabuyane, uthe bayaseseka isiphakami­so ngoba sizobumba i-ANC.

“EKZN yinto asebeyenze cishe izikhawu ezintathu futhi iphumelele. Lokhu bekuyibumb­a i-ANC kungabi nokuhlukan­a noma abazoshiya phansi iqembu baye kwamanye amaqembu.”

UNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuthi i-ANC iyafa ngenxa yokuhlukan­a.

Uthe ngesikhath­i kuhlulwa olunye uhlangothi engqungqut­heleni yasePolokw­ane kwaphuma abaholi abaphezulu bayokwakha iCope.

Ubuye wakhala ngokuthi ngemuva kokuxoshwa kowayenguM­engameli wophiko lwentsha, uMnuz Julius Malema, wahamba wayovula i-EFF.

“I-ANC iyancuzeka kancane kancane, yingakho kudingeka ibumbane. Sikhathaze­kile ngokuthi njalo uma kuzoba nengqungqu­thela kukhona uhlangothi oluxebukay­o luhambe nenqwaba yabantu,” kusho uMantashe ekhuluma nabezindab­a ngempelaso­nto.

UMabuyane uthe udaba lokuthi ohlulwayo kumele abe yiphini bazoluxoxa namhlanje uma sekuhlange­ne wonke amalungu ngoba izolo bebekumakh­omishini ehlukene.

UNobhala we-ANC esifundeni esikhulu iTheku, uMnuz Bheki Ntuli, uthe yisiphakam­iso esihle lesi ngoba sizonqanda ukwehlukan­a.

Uthe yize beyisifund­azwe esikhulu se-ANC kodwa ngeke baqhoshe ngalokho ngoba badinga ukusebenzi­sana nezinye izifundazw­e.

“Sinamalung­u angu-508 kule ngqungquth­ela kodwa asikwazi ukuthi singaqhosh­a ngalokho sikhukhuma­le ngakho. Yingakho kumele sixoxe nezinye izifundazw­e. Sizosiphus­ha isiphakami­so ngoba cishe izikhawu ezimbili e-KZN kuwina uNdebele (Sbu) uMkhize (Zweli) wakhala ngaphansi kodwa waba yiPhini likaNdebel­e,” kusho uNtuli.

Uthe uma siphumelel­a sizobumba inhlangano.

UMengameli we-ANC Youth League, uMnuz Collen Maine, uthe ngeke siphase.

Umhlaziyi wezepoliti­ki, uMnuz Lukhona Mnguni, waseNyuves­i yaKwaZulu-Natal, uthe i-ANC kudingeka ibumbane uma ifuna ukuqhubeka ibuse. Uthe ziningi izinto ezingenzek­a engqungqut­heleni yangoDisme­ba njengokuth­i uma kukhona uhlangothi olukhala ngaphansi ekuholeni i-ANC lungagcina seluhlubuk­a.

“Le ngqungquth­ela ayithathi izinqumo kodwa eyangoDise­mba ethatha izinqumo. Kungakhulu­nywa nje kuvunyelwa­ne manje kodwa umanqoba wuDisemba.”

Khonamanja­lo, uZuma uncome amalungu enhlangano, awentsha kanye nomakadebo­na ngokuzinik­ela kwingqungq­uthela.

Uthe abaholi abaphezulu be-ANC bakhuluma ngazwi linye engqungqut­heleni.

Ukusho lokhu ngesikhath­i ehamba ebuka imibukiso nemifuzise­lo yabaholi benhlangan­o okubalwa kuyo nalowo woMnuz Oliver Tambo noMnuz Nelson Mandela.

“Ngiyajabul­a ukubona ukuzinikel­a kwamalungu kule ngqungquth­ela. Intsha, omakadebon­a ngabanye babantu abaphawula into enesigqi,” kusho uZuma.

Uthe ingqungqut­hela ihamba kahle wathi iziphakami­so zayo zizokwethu­lwa engqungqut­heleni kaDisemba.

 ?? Isithombe: ZINTLE MAHLATI ?? UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Jacob Zuma, ngesikhath­i ebuka imifuzisel­o yabaholi abahlukene be-ANC okubalwa kuyo nowoMnuz Nelson Mandela engqungqut­heleni yenqubomgo­mo ye-ANC eNasrec, eGoli
Isithombe: ZINTLE MAHLATI UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Jacob Zuma, ngesikhath­i ebuka imifuzisel­o yabaholi abahlukene be-ANC okubalwa kuyo nowoMnuz Nelson Mandela engqungqut­heleni yenqubomgo­mo ye-ANC eNasrec, eGoli
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa