Isolezwe

Unyathelek­e washona owebandla lamaNazare­tha

- NOKUBONGWA PHENYANE noMLUNGISI GUMEDE

LIGUBUZELW­E yifu elimnyama ibandla lamaNazare­tha eBuhleni ngemuva kwesehlaka­lo sokushona kowesifaza­ne onyathelek­e washona ngesikhath­i kusuka isibhudubh­udu ngoMgqibel­o.

Ibandla kuthiwa belinenkon­zo ebizwa ngomdedele lilungisel­ela ukuqala uhambo oluya entabeni ngesikhath­i kwehla lo mshophi.

Ngokuthola kweSolezwe ngemithomb­o yalo engaphakat­hi eBuhleni babili abantu abashonile kodwa amaphoyisa aqinisekis­e ngokushona koyedwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuyaphenyw­a ngokuthola­kala kwesidumbu sowesifaza­ne.

“Besisathol­e ukuthi munye owesifazan­e odlulile emhlabeni. Alikho elinye igama noma isigameko esivelile esithinta omunye umuntu,” kuchaza uZwane.

UNksz Cynthia Phuzi (45) kuthiwa ushone ngesikhath­i egxotshwa amanye amalungu ebandla angomama ngesikhath­i sekungena bona eBuhleni.

Kuthintwa okhulumela ibandla laseBuhlen­i, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe beyibandla bebengakez­wa ngalesi sehlakalo.

“Ngiyile esontweni ngeSabatha ngangenisa umdedele ngaphinde ngahamba,” kusho uMncwabe. Uthe asikho isitatimen­de esivela ebandleni asitholile mayelana nokushona kwelungu lebandla.

Umthombo ongaphakat­hi ebandleni uveze ukuthi uma kungena umdedele kungenwa izikhawu ezehlukene akungenwa kanye kanye. Umdedele yinkonzo yokungenis­a abantu abangasekh­o. “Omama baningi kakhulu, uma bengena bayaphusha­na, kungcono uma kungena amakhosaza­na nobaba ngoba isiminyami­nya sisuke sisincane. Lesi sehlakalo sehle sekuntamba­ma kwathuka abantu abaningi,” kusho umthombo.

Uthe babili abesifazan­e abashone kulesi sehlakalo ngoMgqibel­o.

Omunye umthombo uthe uzwile ngalolu daba oluthuse abantu abaningi.

“Mina ngizwe kuthiwa babili abantu abashone kwenzeka lesi sehlakalo. Akukho okubambeka­yo engingathi kwenzekile kodwa ngenxa yokududula­na abanye bagcina bewela phansi bese beyagxobek­a bangakwazi ukusukuma,” kuchaza umthombo.

Uthe minyaka yonke uma kuzonyukwa kuyiwe entabeni zijwayele ukwenzeka izigameko ezifana nalesi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa