Isolezwe

Uyavutha ummeli ka-Oupa Manyisa

- MINENHLE MKHIZE noNOKUBONG­WA PHENYANE

UMMELI kakaputeni we-Orlando Pirates u-Oupa “Ace” Manyisa usonga ngokuyitha­thela izinyathel­o zomthetho intokazi engu-DJ, uThato Makgaka, uma iqhubeka nokusabala­lisa izindaba zokuthi ingunina wengane kaManyisa.

UJohn Wilson ongummeli kaManyisa utshele Isolezwe ukuthi bazomthath­ela izinyathel­o uThato ngoba imiphumela yolibofuzo ikubeke kwacaca ukuthi uManyisa akasiye uyise wengane.

NgeSonto uManyisa ufake imiphumela yolibofuzo enkundleni yokuxhuman­a i-Instagram. Imiphumela ibithi uManyisa akasiye uyise ka-Oupa Junior okuyigama ingane eqanjwe ngalo. Ingane yazalwa ngo-2015.

Le ntokazi kulindelek­e ukuthi ivele ohlelweni lweMzansi Magic, iDiski Divas eqala ngoJulayi 12. Uhlelo luveza izintokazi ezishade nabadlali bebhola, ezithandan­a nabo noma esezahluka­na nabo.

“UManyisa uphoqeleki­le ukuthi imiphumela yolibofuzo ayifake ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba indaba bese imphazamis­e iminyaka emibili. Bese ekhathele wukuhlukun­yezwa yile ntokazi. Indaba yokuthi unengane nayo iphazamise umndeni wakhe. Uma le ntokazi iqhubeka nokusabala­lisa izindaba ezingekho phezu kolibofuzo sizoyithat­hela izinyathel­o zomthetho. Ayikwazi ukuhlambal­aza isikhasime­nde lami kanjalo nje. Iyazi ukuthi sinesivume­lwano okungamele sidalulwe emphakathi­ni ngalolu daba,” kusho uWilson.

Isitatimen­de esithunyel­we abeMzansi Magic asivezi ukuthi uThato uzobe evele ngamuphi umdlali ohlelweni kodwa imibiko yamaphepha­ndaba angempelas­onto ibithi uqokwe ngokuba unina wengane kaManyisa.

“Uma le ntokazi izovela ngegama likaManyis­a ohlelweni lwethelevi­shini lokho kuzoba yinkinga. Kuzophoqa ukuthi sithathe izinyathel­o zomthetho. Mayelana nokuthi sizothathe­la bani phakathi kwentombaz­ane nabaphathi bohlelo ngicabanga ukuthi lokho sekuyomele sikufakele izibuko,” kusho uWilson.

Uthe lesi silomo seBhakabha­ka asikaze siyondle ingane selokhu yazalwa ngo-2015.

“Wakubeka kwacaca ukuthi akusiyona eyakhe. Ukube ubeyondla ubezobe evuma ukuthi ngeyakhe,” kusho uWilson. Uthe abazimisel­e ngokuphind­a benze okunye ukuhlolwa kolibofuzo njengoba phambilini kuke kwavela ukuthi uThato akahambisa­ni nemiphumel­a ekhona.

UNondumiso Mabece weMzansi Magic uthe abesifazan­e abasuke bebonakala ohlelweni abake bathandana noma bashada nabadlali bebhola eminyakeni edlule noma abasathand­ana nabo.

“UThato ukhethwe ngoba wake wathandana nomdlali webhola hhayi ngengane ekhona,” kuchaza uNondumiso. Uthe imiphumela yolibofuzo ayinamthel­ela ekubeni yingxenye yohlelo.

UThato kubonakale zingamphaz­amisanga izindaba zikaManyis­a zokufaka imiphumela yolibofuzo ku-Instagram. Le ntokazi ivele yafaka isithombe sayo nazo zonke izintokazi ezizobonak­ala kulolu hlelo yabhala ukuthi “Okusalayo Indaba Ila”.

 ??  ?? THATO MAKGAKA
THATO MAKGAKA
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UCONSTABLE Thandeka Sithole namaselula okuthiwa atholakale emcimbini weVodacom Durban July obuseMoses Mabhida ngoMgqibel­o, osekuboshw­e abasolwa abathathu ngezinsolo zokweba
Isithombe: SITHUNYELW­E UCONSTABLE Thandeka Sithole namaselula okuthiwa atholakale emcimbini weVodacom Durban July obuseMoses Mabhida ngoMgqibel­o, osekuboshw­e abasolwa abathathu ngezinsolo zokweba
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa