Isolezwe

Sebengu-11 ababoshwe emicimbini yeVDJ

- ZANELE MTHETHWA

SIYANDA isibalo sababoshwe emicimbini ehambisana neVodacom Durban July (VDJ) ngoMgqibel­o njengoba sesifinyel­ele kwabangu-11.

Izolo Isolezwe libike ukuthi bayisishiy­agalombili ababoshelw­e izinsolo zokukhuthu­za izicukuthw­ane ebezisemat­endeni enkundleni yomjaho eGreyville.

Sekuvele ukuthi kubuye kwaboshwa abathathu ebusuku emcimbini iFact Durban Rocks obusePeopl­e’s Park eMoses Mabhida abasolwa ngokweba amaselula.

UCaptain Khephu Ndlovu, okhulumela amaphoyisa aseThekwin­i, uthe kunamaselu­la angu-14 atholakele okumele abanikazi bawo bawalande esiteshini eDurban Central.

“Kunabanye abese bevele bewavulile amacala okulahleke­lwa amaselula abanye bebengakaw­avuli. Angu-14 amaselula angakaland­wa esiteshini esicela ukuthi abanikazi bawo bawalande. Abantu basuke sebejabule kakhulu kule micimbini baze banganaki. Abanye baba budedengu nangezinto abazipheth­e okwenza kube lula nokuthi zilahleke,” kuchaza uNdlovu.

Uthe ukuboshwa kwabasolwa abangaka kule micimbi kuveza ngokusobal­a ukuthi amaphoyisa abephume ngobuningi ukuqapha isimo.

Uveze ukuthi amaphoyisa asebenze kanzima ukuqinisa ezokupheph­a kwiVDJ.

UNdlovu uthe amaselula atholakele awohlobo olubizayo futhi kungenzeka ukuthi abanye abanikazi bawo akubona abakulesi sifundazwe ngoba lo mcimbi uletha nezivakash­i. Abasolwa abathathu bazovela enkantolo maduzane. Abayisishi­yagalombil­i ababoshwe ematendeni eGreyville basolwa ngamacala okukhwaban­isa, ukubamba inkunzi nokutholak­ala nempahla eyebiwe. UCapt Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe abathathu baboshwe ngaphakath­i eGreyville kwathi abayisihla­nu baboshwa emigwaqwen­i ezungeze le nkundla yomjaho. Bekulindel­eke ukuthi izolo babingelel­e imantshi eThekwini, okushaye isikhathi sokuloba ingakathol­akali imininingw­ane yayo.

Abafuna ukuzobheka amaselula abalahleke­le eMoses Mabhida bangaxhuma­na noCaptain LM Cescutti enombolwen­i ethi 031 325 4271 noma baziyele mathupha esiteshini samaphoyis­a eDurban Central.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa