Isolezwe

Kugxekwa abasabalal­isa imibiko yokwehlisw­a kwemaki lokuphasa

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO weMfundo eyisiSekel­o usugxeke abasabalal­isa imibiko ethi uzokwehlis­a imaki lokuphasa ezikoleni.

Imibiko ithi umnyango uzokwehlis­a imaki lokuphasa kwaGrade 10 no-11 ezifundwen­i ezithile okubalwa kuzo nezilimi.

Kuthiwa uhlela ukwehlisa izinga lokuphasa ulimi liye ku-40% lisuka ku-50%, iMaths isuke ku-40% iye ku-30%, bese kuthi ukuphasa zonke izifundo kube wu-40%.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe iqiniso wukuthi ngo-2015 bakhipha isekhula unombolo 3, owawuzoqal­a ukusebenza ngonyaka odlule lapho kwakugcize­lela khona ukuthi iMaths kumele iphaswe ngo-40% kodwa umfundi angadudulw­a uma ephase zonke izifundo zakhe kodwa wathola iMaths ngo-20%.

Uthe basayibhun­ga eyokuthi njengoba kungumqans­a ukuphasa iMaths ngo-40% nezilimi ngo-50% bachibiyel­e eminye yemigomo ukuze kubhekelel­we labo bafundi abangakwaz­i ukwenza kahle.

“Sizoxoxa nazo zonke izinhlaka okubalwa kuzo izinyunyan­a, abasetha izivivinyo, izikhungo zemfundo, abazali, umphakathi, amalungu esigungu esengamele izikole ngodaba lokuchibiy­ela izinto ezithinta ukuphasa kwabafundi. Iziphakami­so ezikhona wukuthi kumele izifundo ezine ziphaswe ngo-40%, esinye sazo kube ulimi owaluncela ebeleni,” kusho uMhlanga

Uthe kumele umfundi aphase ezinye izifundo ezintathu ngo30% bese kususwe umbandela obekiwe wokuthi iMaths kumele iphaswe ngaliphi imaki.

“Okwamanje yinto esaxoxwa, akukho sinqumo esisathath­iwe ngodaba lokwehlisa imaki lokuphasa. Lezi ziphakamis­o okuxoxwa ngazo zithinta neFurther Education and Training Phase (FET okuwuGrade 10 kuya kwamatric).”

Uthe uma sekuvunyel­wene kwaphinde kwaphasisw­a kuyobe sekuthunye­lwa ezinhlaken­i ezifanele. Okwamanje yinto yangaphaka­thi okusabhung­wa ngayo akukho sinqumo esisathath­iwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa