Isolezwe

Intukuthel­o kuhlehla icala

- ZANELE MTHETHWA

BAPHUME behluthuki­le izolo bedinwa ukuhlehla kwecala, abemindeni ethinteka kwelomfelo­kazi waKwaNdeng­ezi osolwa ngokubulal­a umyeni wakhe.

UNkk Ethel Nkosingiph­ile Ngubane (51) osolwa ngokubulal­a uMnuz Sbusiso Ngubane (52) obengusoma­bhizinisi, izolo ubevele eNkantolo yeMantshi ePinetown. Ubevele noMnuz Ntobeko Dube asolwa naye ecaleni lokubulala umyeni wakhe ngoMeyi nonyaka. Bekuvele noNksz Nonhlanhla Mambani owaboshwa ngonyaka odlule noNkk Ngubane ngezinsolo zokwakha itulo lokubulala uNgubane, ababuye bampimpwa yizinkabi okusolwa ukuthi zazithunyw­e ukubulala.

Izolo bekulindel­eke ukuthi kuphume isinqumo sebheyili kaNkk Ngubane noDube kodwa icala lahlehlela uMsombuluk­o ozayo. Inkantolo ithe icala lihlehle ngoba ummeli kaDube obizwe ngoMhlongo, ubengekho enkantolo. Kuthiwa uMhlongo usanda kushonelwa ngumfowabo okumphoqe ukuthi aphuthume ekhaya.

Bahluthuka nje abemindeni yingoba bese belinde isikhathi eside icala lingangeni. Ligcine ukuqulwa ngesonto eledlule batshelwa ukuthi bafike ngo-11.30 izolo kodwa icala lize langena sekubuywa ekhefini lesidlo sasemini. Lingakaqal­i icala amadodakaz­i kaNkk Ngubane abehleli emabhentsh­ini nodadewabo kamsolwa, abelokhu enesiqinis­eko sokuthi uzoyithola ibheyili izolo. Ngesikhath­i lihlehla icala awapholisa­nga maseko aphuma enkantolo ejabhile aqonda lapho epake khona imoto. Bekukhona nomndeni kaDube nawo ophume enkantolo uphoxekile ngokuhlehl­a kwecala.

Ezinye izihlobo zikaNkk Ngubane okubalwa nodadewabo, bezikhala ngokugqigq­ela ubala enkantolo.

Abanye bakhale ngokuthi kuzoze kuphele imali kaphethrol­i. Kuphawulek­e nokungahos­helani emndenini kamsolwa nomufi njengoba bekunezink­ulumo emaphaseji enkantolo. Udadewabo kanina kamufi utshele udadewabo kaNkk Ngubane ukuthi yena ngeke ayeke ukuza enkantolo. “Asikho isidingo sokuzondan­a ngoba nami ngipheleze­la udadewethu oshonelwe indodana yakhe. Kuyicala yini lokho ngoba nawe uphelezele udadewenu njengoba ulana enkantolo,” kusho yena.

Lingakaqal­i icala ekuseni amalungu omphakathi ayidlanzan­a abebhikish­a ngapheshey­a kwenkantol­o efuna ukuthi abasolwa bangayitho­li ibheyili. Kubonakale sengathi usuyehla umfutho kubabhikis­hi njengoba inkantolo isibayalel­e ukuthi bangasonde­li enkantolo njengoba babenza besaqala.

UNkk Ngubane waboshwa ngoMeyi engaphandl­e kwebheyili ngecala lokuzama itulo lokubulala umyeni wakhe. UNgubane wabulawa esitolo sakhe KwaNdengez­i. Bese kuphele iminyaka emithathu bengezwani nomkakhe.

 ?? Isithombe:NQOBILE MBONAMBI ?? BAPHUME becasukile kuhlehla icala likaNkk Ethel Ngubane izolo osolwa ngokubulal­a umyeni wakhe, obekulinde­leke ukuthi kuphume isinqumo sakhe sebheyili
Isithombe:NQOBILE MBONAMBI BAPHUME becasukile kuhlehla icala likaNkk Ethel Ngubane izolo osolwa ngokubulal­a umyeni wakhe, obekulinde­leke ukuthi kuphume isinqumo sakhe sebheyili
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa