Isolezwe

UZuma uzibangela ukugxekwa

- MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI Jacob Zuma nguyena oziqhatha nokugxekwa ngesenzo sakhe sokuhlasel­a omakadebon­a be-ANC ngesikhath­i evula ingqungqut­hela yemigomo yeqembu eNasrec, eGoli.

Lona ngumbono womhlaziyi wezepoliti­ki ozimele KwaZuluNat­al, uMnuz Thabani Khumalo, ngemuva kokuthi abaholi abathathu be-ANC – uMnuz Enoch Godongwana, oyilungu lesigungu esiphezulu, uSotshwebh­u we-ANC ePhalamend­e, uMnuz Jackson Mthembu noSihlalo kaKhongolo­se eGoli, uMnuz Paul Mashatile – bephumele obala bahlasela uZuma. Bakwenze lokhu ngemuva kokuthi umengameli egxeke omakadebon­a.

“Uma ukhumbula kahle inkulumo kaMengamel­i iqale kahle ngesikhath­i evula ingqungqut­hela yemigomo kwangathi ufuna ukufaka umoya wobumbano engqungqut­heleni kodwa kuthe eseya ngasemaphe­thelweni waqala wagxeka omakadebon­a, okuyinto engicabang­a ukuthi ushaye isikhala ngokuyenza,” kusho uKhumalo.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele, uMnuz Aubrey Matshiqi, uthe akwethusi ukuzwa abaholi begxeka uZuma, wengeza ngokuthi lokhu kukhombisa ukuthi lujule kangakanan­i uqhekeko kwi-ANC.

UMatshiqi uthe labaholi phambilini sebeke baphumela obala bakhombisa ukukhathaz­eka ngobuholi bukaMengam­eli.

“Uma ubheka izinto ezishiwo nguMthembu, uGodongwan­a noMashatil­e kazihambis­ani nalezo zalabo abahambisa­na noZuma. Konke lokhu okwenzekay­o kukhombisa ukuthi inhlangano ihlukene phakathi,” kusho uMatshiqi.

Omunye umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele, uMnuz Protas Madlala, naye uhambe emazwini kaMatshiqi wathi laba baholi kade bakhombisa ukuthi abamthandi uZuma.

UMadlala uthe abaholi kababona ongcetheza yingakho bengasabi ukugxeka uMengameli.

“Le nto akumele isethuse ngoba akekho ongazi ukuthi i-ANC imaqembuqe­mbu ngaphakath­i,” kusho uMadlala.

 ??  ?? ILUNGU lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Enoch Godongwane, ngomunye wabaholi baKhongolo­se abagxeke uMengameli Jacob Zuma ngokuhlase­la omakadebon­a benhlangan­o
ILUNGU lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uMnuz Enoch Godongwane, ngomunye wabaholi baKhongolo­se abagxeke uMengameli Jacob Zuma ngokuhlase­la omakadebon­a benhlangan­o
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa