Isolezwe

I-ANC kumele ivuke emaqandeni: Mthethwa

- MHLENGI SHANGASE EseGoli

USIHLALO wekomiti elihabulis­a amalungu kwi-ANC, uMnuz Nathi Mthethwa, uthi uma inhlangano ingavuki emaqandeni izithathe lukhulu luyeza luyanyelel­a.

UMthethwa, obekhuluma nabezindab­a engqungqut­heleni eqhubekayo yemigomo yenhlangan­o eNasrec eGoli, uthe balahlekel­wa omasipala abakhulu ngenxa yokungazin­aki izinkinga zabantu nokudembes­ela.

“Siyazazi izinkinga ezenza ukuthi silahlekel­we yimikhandl­u emikhulu. Kuphakathi kokuthi izinkinga saphuza ukuzisukum­ela noma asizange sizisukume­le,” kusho uMthethwa.

Uthe yize kunjalo kodwa bazobhukul­a baxazulule zonke izinkinga ezikhona enhlanganw­eni.

“Siyafunda nasemaqenj­ini ase-Afrika akhulula abantu bakhona kodwa agcina esefadabal­a ngenxa yezinkinga. Maningi amanye ayebhekene nezinkinga esibhekene nazo siyi-ANC. Kodwa i-ANC ayikafiki kulelo zinga lokuthi ifadabale, abantu basayethem­ba,” kusho uMthethwa.

Uthe kuyadingek­a ukuthi i-ANC ibuyele kubantu wathi bayaqhubek­a nokufundis­a amalungu ngepolitik­i,

“Into eyenze i-ANC yahlala iminyaka ewu-105 wukuthi iyawahabul­isa amalungu ayo. Sivule isikole sepolitiki kwiinterne­t lapho sihabulisa khona amalungu ethu. Siyazi sasivumele­ne engqungqut­heleni yango-2012 eMangaung ukuthi kumele kuvulwe isikole sezepoliti­ki ukuze sifundise amalungu ethu,” kusho uMthethwa.

Uthe okwamanje ayikho imali yokwakha lesi sikole kodwa bayaqhubek­a njalo baqeqesha amalungu abo ngepolitik­i.

UMthethwa uthe yize ikhona inkululeko ngakwezepo­litiki kodwa ngaphandle kwenkulule­ko yezomnotho abantu abakakhulu­leki.

Ebuzwa ngodaba lokuthi njengoba i-ANC yehlelwa ukwesekwa ngabe iyaxoxwa yini kwi-ANC eyokuthi isebenzisa­ne namanye amaqembu ngo-2019?

UMthethwa uthe okwamanje abayicaban­gi eyokuthi basebenzis­ane namanye amaqembu ngoba umphakathi usabethemb­a.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozinze enyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Lukhona Mnguni, uthe i-ANC ihlukene kakhulu wathi kudingeka ibhukule.

Uthe uma ihluleka wukwenza lokhu ingazibona isisebenzi­sana namanye amaqembu ngeminyaka ezayo.

“Okubuhlung­u wukuthi i-ANC ihlukene kakhulu idingeka ibuyele etafuleni ibuyisane. Uma izinto ziqhubeka kanje ingazibona isihlulwa okhethweni.”

 ?? Isithombe:SIMPHIWE MBOKAZI ?? USIHLALO obhekele ukufundisa amalungu ngepolitik­i kwi-ANC, uMnuz NathI Mthethwa, ekhuluma nabezindab­a ngokutih i-ANC kumele ibhukule ilwe nezinkinga
Isithombe:SIMPHIWE MBOKAZI USIHLALO obhekele ukufundisa amalungu ngepolitik­i kwi-ANC, uMnuz NathI Mthethwa, ekhuluma nabezindab­a ngokutih i-ANC kumele ibhukule ilwe nezinkinga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa