I-ANC kumele ivuke emaqandeni: Mthethwa
USIHLALO wekomiti elihabulisa amalungu kwi-ANC, uMnuz Nathi Mthethwa, uthi uma inhlangano ingavuki emaqandeni izithathe lukhulu luyeza luyanyelela.
UMthethwa, obekhuluma nabezindaba engqungqutheleni eqhubekayo yemigomo yenhlangano eNasrec eGoli, uthe balahlekelwa omasipala abakhulu ngenxa yokungazinaki izinkinga zabantu nokudembesela.
“Siyazazi izinkinga ezenza ukuthi silahlekelwe yimikhandlu emikhulu. Kuphakathi kokuthi izinkinga saphuza ukuzisukumela noma asizange sizisukumele,” kusho uMthethwa.
Uthe yize kunjalo kodwa bazobhukula baxazulule zonke izinkinga ezikhona enhlanganweni.
“Siyafunda nasemaqenjini ase-Afrika akhulula abantu bakhona kodwa agcina esefadabala ngenxa yezinkinga. Maningi amanye ayebhekene nezinkinga esibhekene nazo siyi-ANC. Kodwa i-ANC ayikafiki kulelo zinga lokuthi ifadabale, abantu basayethemba,” kusho uMthethwa.
Uthe kuyadingeka ukuthi i-ANC ibuyele kubantu wathi bayaqhubeka nokufundisa amalungu ngepolitiki,
“Into eyenze i-ANC yahlala iminyaka ewu-105 wukuthi iyawahabulisa amalungu ayo. Sivule isikole sepolitiki kwiinternet lapho sihabulisa khona amalungu ethu. Siyazi sasivumelene engqungqutheleni yango-2012 eMangaung ukuthi kumele kuvulwe isikole sezepolitiki ukuze sifundise amalungu ethu,” kusho uMthethwa.
Uthe okwamanje ayikho imali yokwakha lesi sikole kodwa bayaqhubeka njalo baqeqesha amalungu abo ngepolitiki.
UMthethwa uthe yize ikhona inkululeko ngakwezepolitiki kodwa ngaphandle kwenkululeko yezomnotho abantu abakakhululeki.
Ebuzwa ngodaba lokuthi njengoba i-ANC yehlelwa ukwesekwa ngabe iyaxoxwa yini kwi-ANC eyokuthi isebenzisane namanye amaqembu ngo-2019?
UMthethwa uthe okwamanje abayicabangi eyokuthi basebenzisane namanye amaqembu ngoba umphakathi usabethemba.
Umhlaziyi wezepolitiki ozinze enyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Lukhona Mnguni, uthe i-ANC ihlukene kakhulu wathi kudingeka ibhukule.
Uthe uma ihluleka wukwenza lokhu ingazibona isisebenzisana namanye amaqembu ngeminyaka ezayo.
“Okubuhlungu wukuthi i-ANC ihlukene kakhulu idingeka ibuyele etafuleni ibuyisane. Uma izinto ziqhubeka kanje ingazibona isihlulwa okhethweni.”