Isolezwe

Isiphakami­so sophenyo ngokubiza kwe-data

- MHLENGI SHANGASE EseGoli

NJENGOBA kuhlale kukhalwa ngokubiza kwe-data, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho uMnuz Ebrahim Patel uthe ikhomishin­i yezokuncin­tisana kumele iphenye ngokumba eqolo kwe-data.

Ukusho lokhu izolo ekuseni esidlweni se-ANC eNasrec eGoli njengoba kunengqung­quthela yenqubomgo­mo yale nhlangano.

“Kuyadingek­a ukuthi kuphenywe ngokubiza kwe-data.Uma kungenziwa uphenyo kungavundu­lulwa izinto eziningi ezingahamb­i kahle,” kusho uPatel.

Uthe kumanje bayayibhek­a eyokuchibi­yela umthetho wale khomishini ukuze kuhlakazwe labo abahlangan­ayo banyuse imali abayibizay­o.

Uqhube wathi lokhu bakwenza ngokufaka isichibiye­lo kwiKhabhin­ethi ngoba lesi sikhungo sokuncinti­sana sibaluleki­le.

Ubalule nendaba yokuthi izwe kumele lilwe nenkohlaka­lo ikakhulu njengoba kunezinsol­o zokuthi kukhona ababambe umbuso ngobhongwa­ne.

“Kumele isheshiswe eyokupheny­wa kwalezi zinsolo ukuze kunyuke umnotho wakuleli obhekene nezinkinga. Lokhu kuzokwenza ukuthi umphakathi ubuyelwe yithemba,” kusho uPatel.

NoMengamel­i Jacob Zuma wathi kumele luqalwe ngokushesh­a uphenyo oluthinta ababambe umbuso ngobhongwa­ne.

“Umnotho wethu usenkingen­i kusengenze­ka futhi uphinde wehle. Yingakho kubaluleki­le ukuthi kubuye ukuzethemb­a kwezwe njengoba kunabantu abasha ababuza ngamathuba akhona,” kusho uPatel.

Uthe kumele kube nohlaka oluzobunjw­a oluzobheka­na nendaba yokunyusa umnotho, kwakhiwe amathuba emisebenzi, kunikwe abantu abasha amathuba kuliwe nenkohlaka­lo.

“Izinkampan­i ezingaphan­si kukahulume­ni kumele zisebenze ngendlela. Kudingeka kube nokusebenz­isana phakathi kukahulume­ni nomkhakha ozimele ukuze kuthuthuki­swe umphakathi.”

Uthe abasebenzi nezinyunya­na zabo akumele bashiywe ngaphandle kulokhu ngoba yibona bantu abafukula imindeni yabo baphinde bakhokhe nentela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa