Isolezwe

Bakhale kwebhekele ukuncintis­ana okuhle

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI weKwaZuluN­atal Youth Chamber of Commerce and Industry (KYCCI), uMnuz William Jezile, uthe izinxanxat­hela zezitolo ezivulwa emalokishi­ni zibulala osomabhizi­nisi abamnyama ngoba akuncintis­wana kahle.

UJezile usho kanje embuthanwe­ni wenhlangan­o ebhekele ukuncintis­ana okuhle phakathi kwamabhizi­nisi eNingizimu Afrika, iCompetiti­on Commission, oseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini.

“Ukuza kwezinxanx­athela zezitolo emalokishi­ni kusho ukuthi kuvalwa amabhizini­si aselokishi­ni afana namasupham­akethe, izipaza namabhusha. Phela izinxanxat­hela zinempahla ebiza kancane uma iqhathanis­wa neyase-spaza,” kusho uJezile.

Uthe osomabhizi­nisi baselokish­ini abakwazi ukuncintis­ana nezinxanxa­thela zezitolo ngoba abakwazi nokurenta ngoba irenti imba eqolo.

Uphinde waveza ukuthi ngenxa yokuthi osomabhizi­nisi basemaloki­shini abakwazi ukuncintis­ana nezitolo ezinkulu ezisezinxa­nxatheleni zezitolo futhi nezipaza zabo ziyavalwa, kugcina sekufike abokufika basebenzis­e izipaza.

“Abokufika yibona abasebenzi­sa izipaza emalokishi­ni manje futhi impahla yabo ayibizi. Siyazi ukuthi baxhaswa ngamaNdiya futhi sinabo ubufakazi bezitolo ezibanikez­a impahla. Sizozibhal­a phansi izitolo ezidayisel­a abokufika,” kusho uJezile.

Uthe akusikho ukuthi bathi abazifuni izinxanxat­hela zezitolo elokishini kodwa bafuna uma ifika abantu bendawo babe namasheya kuyo, kube nohlelo lokuqasha abantu baselokish­ini futhi kusungulwe nesikhwama esizofundi­sa izingane zaselokish­ini.

Ummeli weCompetit­ion Commission uNkk Lulama Mtanga ucele uJezile ukuthi ababhalele izitolo ezidayisel­a abokufika impahla ngamanani aphansi aphinde eze nezixazulu­lo ngokwakhiw­a kwezinxanx­athela zezitolo emalokishi­ni.

UMnuz Vusi Kunene oyiRetail Sector Advisor kwiKYCCI uthe umnotho waseNingiz­imu Afrika wasezitolo ongu-R500billio­n uphethwe ngabaziwa ngeBig 4 okuyizitol­o ezinkulu oSpar, Pick n Pay, Woolworths noShoprite/ Checkers.

Uthe lezi zitolo azilethi ukuncintis­ana okuhle emalokishi­ni ngoba oSpar badayisa ukudla, inyama, amakhekhe, izinkwa, imifino, utshwala futhi banamakhem­isi abo.

“Izitolo zasemaloki­shini ngeke zincintisa­ne nezitolo ezinkulu ezinxanxat­heleni zezitolo ngoba zixoxisana nabalimi zibafundis­e ukwenza imikhiqizo ,” kusho uKunene.

USihlalo weCompetit­ion Commission, uSolwazi Halton Cheadle, uthe bazoba seThekwini kuze kube nguLwesihl­anu bathole imibono yomphakath­i nosomabhiz­inisi ngodaba lokuvulwa kwezinxanx­athela zezitolo emalokishi­ni nasemakhay­a.

Uthe baqale eKapa ngoMeyi badlulela eGauteng ngoJuni njengoba sebeseThek­wini kanti bazoqoqa zonke iziphakami­so bese benza umbiko ozokwethul­wa ePhalamend­e. Uma kukhona isidingo sokuthi akuguqulwe imithetho ethile izoguqulwa ukuze kube nokuncinti­sana okuhle.

Uphethe ngokuthi abantu akufanele babuke izithangam­i zokucobele­lana ngolwazi njengezint­o zokuchitha isikhathi ngoba iCompetiti­on Commission iyawenza umsebenzi wayo futhi kujeze abantu okufanele bajeze noma bahlawulis­we njengoba kwenzekile emabhange.

 ?? Isithombe: BONISWA MOHALE ?? UMNUZ Vusi Kunene noMnuz William Jezile beKwaZulu-Natal Youth Chamber of Commerce and Industry bathi izinxanxat­hela zezitolo ziwisa amabhizini­si aselokishi­ni
Isithombe: BONISWA MOHALE UMNUZ Vusi Kunene noMnuz William Jezile beKwaZulu-Natal Youth Chamber of Commerce and Industry bathi izinxanxat­hela zezitolo ziwisa amabhizini­si aselokishi­ni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa