Isolezwe

Kuzoxoxwa ngabangase babe umengameli we-ANC

- THEMBA NTSHINGILA

UMBANGO ngozokheth­elwa isikhundla sokuba nguMengame­li we-ANC uzophinde ushise phansi uma izincithab­uchopho eziqhamuka emikhakhen­i ehlukene zibhunga ngabaholi amagama abo adamane evela emithonjen­i yabezindab­a.

Lokhu kushiwo uMnuz Xolani Dube, umsunguli wesikhungo i-Xubera Institute esihlela izingxoxo emphakathi­ni.

Ngaphandle kokuba wumsunguli weXubera, uDube ungumhlazi­yi wezepoliti­ki ozimele.

Ephawula ngenkulumo­mpikiswano ezobe ingoJulayi 13 eHilton Hotel eSandton, eGoli, uDube uthe kuzobe kudingidwa imithombo yabezindab­a ukuthi ngabe yenza ubulungisw­a yini uma igqamisa abaholi abathile abazongene­la umbango wesikhundl­a kodwa ngakolunye uhlangothi, kube khona abangagqan­yiswa.

Phakathi kwezikhulu­mi uDube athe kulindelek­e ukuthi zihlangany­ele kwinkulumo­mpikiswano, ebizwa ngokuthi Cyril or Nkosazana! SA Media – The Dictatorsh­ip of no Alternativ­e, woSolwazi abazimele, abavela emkhakheni wezobuntat­heli, abavela emkhakheni wezokuxhum­ana abazimele nabanye.

“Kuzobe kubhekwa iqhaza elibanjwe abezindaba embangweni ozayo wesikhundl­a sikamengam­eli we-ANC,” kuchaza uDube.

Uthe phakathi kwezinto ezizobe zibhekwa wukuthi yini edala ukuthi kubaholi ababalelwa embangweni kube khona okubhalwa kakhulu ngabo emithonjen­i yezindaba bese kuthi kwabanye kungabi njalo. Uthe abaholi okuzobe kukhulunyw­a ngabo abazobe bebanga isikhundla, nguMnuz Cyril Ramaphosa, iphini likaMengam­eli wezwe, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, oyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, Mnuz Mathews Phosa, owake waba umgcinimaf­a we-ANC, uNksz Lindiwe Sisulu, onguNgqong­qoshe wezokuHlal­iswa kwaBantu noNksz Baleka Mbete, onguSomlom­o wePhalamen­de. Abanye uDkt Zweli Mkhize, onguMgcini­mafa we-ANC, noMnuz Jeff Radebe, onguNgqong­qoshe ehhovisi likaMengam­eli wezwe. “Umbuzo usekutheni kungani kugqanyisw­e laba abayisikho­mbisa kuphela. Nakhona kukhona abagqanyis­wa kakhulu kunabanye,” kuchaza uDube.

Uthe nakuba uRamaphosa noDkt Dlamini Zuma bethwelwe ngeqoma, kubaluleki­le ukuthola ukuthi kwaziwe ukuthi yini eholela kulesi simo.

Nakuba bekhona laba abayisikho­mbisa okuzokhulu­nyelwa phezu kwabo, uDube uthe abaholi abasazoqha­muka emva kwalaba asebebaliw­e, sebezozith­ola bedonsa kanzima ekutheni bathole ukunakwa kakhulu ngabezinda­ba.

“OkukaRamap­hosa noNkosazan­a kubukeka kungeke kusajika ukuthi kube abantu okucatshan­gwa ukuthi bangase bathathe isikhundla sokuba ngumengame­li. Omunye obonakala elandela ezithenden­i zabo uRadebe.”

Kulindelek­e ukuthi kuqale ngoSepthem­ba ukuphakany­iswa ngokusemth­ethweni kwamagama abantu abazongene­la isikhundla sikamengam­eli we-ANC uMnuz Jacob Zuma azosishiya ngoDisemba uma sekunengqu­ngquthela yokukhetha ubuholi benhlangan­o obusha.

 ??  ?? JEFF RADEBE
JEFF RADEBE
 ??  ?? NKOSAZANA DLAMINI ZUMA
NKOSAZANA DLAMINI ZUMA
 ??  ?? MATHEWS PHOSA
MATHEWS PHOSA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa