Isolezwe

Kushone isikhulu sebhange Ithala

- BONISWA MOHALE

KUGCINE kusenele isikhulu esabuyisa uzinzo ebhange Ithala, uNkk Yvonne Zwane, emuva kokuphathw­a ngumdlavuz­a isikhathi eside.

UNkk Zwane ushonele ekhaya ngoLwesihl­anu emuva kokukhishw­a esibhedlel­a ngoLwesith­athu olwedlule.

UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Zikalala, uthe balahlekel­we ngokushona kukaNkk Zwane ngoba ufike eThala washintsha izinto.

“Ngiyazwela­na nomndeni kaNkk Zwane ngoba ufike eThala washintsha isimo, wathola umbiko womcwaning­i mabhuku ongenawo ugcobho iminyaka emithathu ilandelana. Ubengumunt­u okhaliphil­e, ezimisele ngomsebenz­i wakhe futhi eyiphethe kahle imali. Bengiseben­zisana naye njengoba eyisikhulu esiphezulu eThala futhi ubehlala ezimisele,” kusho uZikalala.

Uthe uNkk Zwane ulishintsh­ile Ithala elenza libe yindawo ebhekelele izidingo zamakhasim­ende futhi usebenze kanzima ukuqinisek­isa ukuthi Ithala lithola ilayisensi ezolenza likwazi ukuncintis­ana namabhange amakhulu.

UZikalala uthe isicelo sokuthi Ithala libe yibhange elikhulu sifakwe ngoNovemba wonyaka odlule nguNkk Zwane kanti ushona nje sekuqalwe izinhlelo eziningi zokuqinise­kisa ukuthi Ithala lithuthuki­sa abantu ababencish­we amathuba phambilini.

UNkk Zwane waba ngumuntu wesifazane wokuqala ukuphatha Ithala selokhu lasungulwa eminyakeni engu-57 edlule, wangena emuva kokuhamba kukaMnuz Sipho Shabalala.

Ngaphambi kokuza eThala uNkk Zwane wayephethe kwa-FNB KwaZulu-Natal enebhajeth­i ka-R20 billion.

Okwamanje azikakenzi­wa izinhlelo zomngcwabo wakhe kwazise umndeni ubusahlang­ene ukudingida lokhu.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKK Yvonne Zwane ongasekho uzokhunjul­wa ngokuguqul­a isimo ebhange likahulume­ni waKwaZulu-Natal Ithala. Ufike kuleli bhange kumapeketw­ane ngo-2011 kodwa waletha uzinzo njengoba ebethola umbiko ongenawo ugcobho kumcwaning­i mabhuku waseNingiz­imu Afrika
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKK Yvonne Zwane ongasekho uzokhunjul­wa ngokuguqul­a isimo ebhange likahulume­ni waKwaZulu-Natal Ithala. Ufike kuleli bhange kumapeketw­ane ngo-2011 kodwa waletha uzinzo njengoba ebethola umbiko ongenawo ugcobho kumcwaning­i mabhuku waseNingiz­imu Afrika
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa