Isolezwe

Badidekile ngokudiliz­wa komuzi wabo

- BONISWA MOHALE

UDIDEKILE umndeni wakwaGumbi, kwa-W eMlaza, emuva kokudilize­lwa umuzi ngabaseben­zi bakwaMasip­ala weTheku phezu kokuba kunecala elisenkant­olo yamajaji eThekwini ngodaba lwalo muzi.

Isolezwe libone amaphepha abizela umndeni wakwaGumbi enkantolo yamajaji eThekwini ngo-Agasti 4 nonyaka.

Kule ncwadi kutshelwa uNkk Bazamile Gumbi, umyeni wakhe uMnuz Nhlanhla Gumbi nendodakaz­i yabo uNksz Thembelihl­e Gumbi ukuthi udaba lomuzi wabo lufakwe ohlwini lwamacala angaphikis­wa kanti luzolalelw­a ngomhla ka-4 Agasti 2017 ngo-9.30 ekuseni. Bayalelwa ukuthi balusukume­le ngoba luzodingid­wa bekhona noma bengekho.

NgoLwesihl­anu Isolezwe lifice sekusele izitini, amabhodwe apaqakile kusaphazek­e nezimpahla esizeni obekumi kuso umuzi wakwaGumbi.

UNkk Gumbi (53) utshele Isolezwe ukuthi bafika kwa-W bathenga iziza nomyeni wakhe base bakha imijondolo ngoba yayingekho imizi.

Kuthe ngo-2014 kwafika uhlelo lokwakhela abantu izindlu zomxhaso kanti obekwenzek­a bekuwukuth­i kudilizwa umjondolo bese kuvuswa indlu yomxhaso ezohlala umuntu obenomjond­olo.

“Sanikezwa inombolo engu1507 yalo muzi, bekunomjon­dolo kuqala kodwa ngokuthola amandla sazakhela umuzi onamakamel­o ayisishiya­galombili nomyeni wami. Inkinga iqale uma sekufika uhlelo lwezindlu zomxhaso ngo-2014. Thina besinenomb­olo yokuthi sizokwakhe­lwa umxhaso kodwa umakhelwan­e wethu osondelene nathi kulesi siza akayithola­nga inombolo. Uma sebefika abantu bakwamasip­ala bathi kuzodilizw­a umuzi wethu kwakhelwe omakhelwan­e thina siphenduke ondingasit­hebeni. Sabuza ukuthi izokwenzek­a kanjani leyo nto ngoba yonke indawo bekudilizw­a umjondolo kwakhelwe umuntu obehlala kuwona ongumnikaz­i wesiza, sangayitho­la impendulo kunalokho sabizelwa enkantolo,” kusho uNkk Gumbi. UNkk Gumbi uthe bahamba icala lokuthi umuzi wakhe kufanele udilizwe kanti namaphepha athi icala lizongena enkantolo ngo-Agasti 4 kodwa uyaxakeka ukuthi uMasipala usuwudiliz­ile futhi wangamnike­za enye indawo. “Umuzi odiliziwe ubuhlala indodakazi yami eneminyaka engu-26 nengane yayo, thina sihlala ngapheshey­a nobaba nezinye izingane zethu. Ubaba wayethenge izindawo ezimbili ngoba enzela ukuthi uma izingane zikhula zingampint­shani nathi ngoba sasihlala emjondolo kudala. Ngiyacela ukuthi iMeya icacise ukuthi sidilizelw­a kanjani uma udaba lusasenkan­tolo futhi njengoba kufahlazwe yonke into kuthiwa ngenzenjan­i, indodakazi yami isele nalokhu ekugqokile ngoba yonke impahla imoshekile,” kusho uNkk Gumbi.

UNksz Thembelihl­e Gumbi (26) ucele noma ngubani owazi umthetho ukuthi abalekelel­e ngoba isenzo sikaMasipa­la weTheku sinokungaw­uhloniphi umthetho.

“AbakwaMasi­pala yibona abasibophi­le kodwa futhi yibona abadiliza umuzi? Asisazi ukuthi kwenzekani manje kanti beluyelani enkantolo udaba uma kudilizwa umuzi lungakapho­thulwa?,” kubuza uNksz Gumbi.

UNksz Gugu Sisilana oyiPublica­tions Manager kuMasipala weTheku uthe umasipala awuphawuli ezindabeni ezisenkant­olo.

 ??  ??
 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UNKK Bazamile Gumbi odilizelwe indlu eMlaza wuMasipala weTheku ngaphandle kwesinqumo senkantolo
Isithombe: ZANELE ZULU UNKK Bazamile Gumbi odilizelwe indlu eMlaza wuMasipala weTheku ngaphandle kwesinqumo senkantolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa