Badidekile ngokudilizwa komuzi wabo
UDIDEKILE umndeni wakwaGumbi, kwa-W eMlaza, emuva kokudilizelwa umuzi ngabasebenzi bakwaMasipala weTheku phezu kokuba kunecala elisenkantolo yamajaji eThekwini ngodaba lwalo muzi.
Isolezwe libone amaphepha abizela umndeni wakwaGumbi enkantolo yamajaji eThekwini ngo-Agasti 4 nonyaka.
Kule ncwadi kutshelwa uNkk Bazamile Gumbi, umyeni wakhe uMnuz Nhlanhla Gumbi nendodakazi yabo uNksz Thembelihle Gumbi ukuthi udaba lomuzi wabo lufakwe ohlwini lwamacala angaphikiswa kanti luzolalelwa ngomhla ka-4 Agasti 2017 ngo-9.30 ekuseni. Bayalelwa ukuthi balusukumele ngoba luzodingidwa bekhona noma bengekho.
NgoLwesihlanu Isolezwe lifice sekusele izitini, amabhodwe apaqakile kusaphazeke nezimpahla esizeni obekumi kuso umuzi wakwaGumbi.
UNkk Gumbi (53) utshele Isolezwe ukuthi bafika kwa-W bathenga iziza nomyeni wakhe base bakha imijondolo ngoba yayingekho imizi.
Kuthe ngo-2014 kwafika uhlelo lokwakhela abantu izindlu zomxhaso kanti obekwenzeka bekuwukuthi kudilizwa umjondolo bese kuvuswa indlu yomxhaso ezohlala umuntu obenomjondolo.
“Sanikezwa inombolo engu1507 yalo muzi, bekunomjondolo kuqala kodwa ngokuthola amandla sazakhela umuzi onamakamelo ayisishiyagalombili nomyeni wami. Inkinga iqale uma sekufika uhlelo lwezindlu zomxhaso ngo-2014. Thina besinenombolo yokuthi sizokwakhelwa umxhaso kodwa umakhelwane wethu osondelene nathi kulesi siza akayitholanga inombolo. Uma sebefika abantu bakwamasipala bathi kuzodilizwa umuzi wethu kwakhelwe omakhelwane thina siphenduke ondingasithebeni. Sabuza ukuthi izokwenzeka kanjani leyo nto ngoba yonke indawo bekudilizwa umjondolo kwakhelwe umuntu obehlala kuwona ongumnikazi wesiza, sangayithola impendulo kunalokho sabizelwa enkantolo,” kusho uNkk Gumbi. UNkk Gumbi uthe bahamba icala lokuthi umuzi wakhe kufanele udilizwe kanti namaphepha athi icala lizongena enkantolo ngo-Agasti 4 kodwa uyaxakeka ukuthi uMasipala usuwudilizile futhi wangamnikeza enye indawo. “Umuzi odiliziwe ubuhlala indodakazi yami eneminyaka engu-26 nengane yayo, thina sihlala ngaphesheya nobaba nezinye izingane zethu. Ubaba wayethenge izindawo ezimbili ngoba enzela ukuthi uma izingane zikhula zingampintshani nathi ngoba sasihlala emjondolo kudala. Ngiyacela ukuthi iMeya icacise ukuthi sidilizelwa kanjani uma udaba lusasenkantolo futhi njengoba kufahlazwe yonke into kuthiwa ngenzenjani, indodakazi yami isele nalokhu ekugqokile ngoba yonke impahla imoshekile,” kusho uNkk Gumbi.
UNksz Thembelihle Gumbi (26) ucele noma ngubani owazi umthetho ukuthi abalekelele ngoba isenzo sikaMasipala weTheku sinokungawuhloniphi umthetho.
“AbakwaMasipala yibona abasibophile kodwa futhi yibona abadiliza umuzi? Asisazi ukuthi kwenzekani manje kanti beluyelani enkantolo udaba uma kudilizwa umuzi lungakaphothulwa?,” kubuza uNksz Gumbi.
UNksz Gugu Sisilana oyiPublications Manager kuMasipala weTheku uthe umasipala awuphawuli ezindabeni ezisenkantolo.