Isolezwe

Kusolwa iZama Zama ngokufa kukamaskan­da

- CHARLES KHUZWAYO

KUSOLWA umbango wokumbiwa kwegolide-mbumbulu emayini yaseBenoni, eGoli, okwaziwa ngeZama Zama ngokufa kukamaskan­da uSinothise­ni ‘Zinothi’ Khanyile waMabhoza neZintathe­li.

Ngokusho komthombo obusondele­ne nomufi, uZinothi (39) ubazi ukuthi kunabantu abamzingel­ayo njengoba kunomuntu obesanda kubulawa futhi kusolwa ithimba ebeliseben­za noZinothi.

Udutshulwe ngentululw­ane yezinhlamv­u washonela lapho ehlaselwe khona engasehost­ela abehlala kulo iDenver eGoli ngoLwesith­athu ebusuku.

“Kuleya mayini sekunamath­imba angezwani futhi sekufe inqwaba yabantu kubangwa ukumbiwa kwegolide. Sekubangwa nokungena ngama-shift. OZinothi bayathinte­ka ekufeni komunye umuntu obekweliny­e ithimba,” kusho umthombo.

Nenduna yaseDenver okuyihoste­la uZinothi abehlala kulona, uMnuz Hambakha ‘Shalazile’ Mbatha, idalule ukuthi sekufe inqwaba yabantu ngenxa yombango emayini.

Uthe uyazi ukuthi noZinothi ubulawelwe iZama Zama ngoba ubesebantw­ini abebekade bemba emayini.

“Ngambona ngaphambi kokuba abulawe. Ngathi ngimbone ngayizolo (ngoLwesibi­li), wabulawa ngakusasa (ngoLwesith­athu). Wayephuma emakhaya lapho ayebalekel­e khona. Ngesikhath­i ehambile kwafika abantu babona imoto yakhe bayidubula kaningi bezitshela ukuthi uphakathi kanti uyishiyile. Imoto eyiQuantum eyayigcwel­e abahlaseli iyona esolwayo ekufeni kwakhe.”

UMbatha uthe sekunesikh­athi kunempi kule mayini futhi isidlule nenqwaba yemiphefum­ulo.

“Kuqale kwaba yimpi ebiphakath­i kwabantu abangamaSh­ona (okungabant­u abadabuka eZimbabwe) nabakuleli kodwa manje sekulwa wonke umuntu. Ngikhuluma nje sekubulawe abantu abangaphez­ulu kwabayisit­hupha baseQhuden­i eNquthu. Nalaba ngibazi ngoba abangakith­i, abakweziny­e izindawo angibazi. Le mayini sengicaban­ga ukuyivala ngoba ayisasizi muntu kodwa seyibulala abantu. Ngiqale ngathi ayiyekwe ngoba abantu bebeyenza imali ngala magolide kodwa ngoba sebebulala­na bodwa, ayivalwe.”

Umfowabo kamufi, uMnuz Mzwandile Khanyile, uvumile ukuthi sekufikile ezindleben­i zabo ukuthi kuthinteka umbango wokumbiwa kwegolide ngokufa komfowabo kodwa wathi akakwazi ukugxila kulokho ngoba kusengamah­emuhemu.

Okhulumela amaphoyisa asesiteshi­ni iCleveland eGoli, uSimon Manyathi, uvumile ukuthi likhona icala elivuliwe kodwa wanganda ngamazwi.

UKhanyile uthe umufi uzofihlwa emathuneni asekhaya eMfongomfo­ngo eNquthu ngeSonto ngemuva kwenkonzo ezokuba ngo-9 ekuseni.

UZinothi uqale ukucula ngo-1996 nge-albhamu eyayithi Indodana wabuye wabamba iqhaza kuBuhle Begubhazi ngaphambi kokusebenz­a nomzala wakhe uMtshengis­eni ‘Indidane’ Gcwensa.

Ubuye wasebenza noShewu Hlela bakhipha i-albhamu eyayithi uZinothi noShewu neZintathe­li.

 ?? FACEBOOK Isithombe: ?? UZINOTHI Khanyile okusolwa ukuthi ubulawelwe iZama Zama
FACEBOOK Isithombe: UZINOTHI Khanyile okusolwa ukuthi ubulawelwe iZama Zama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa