Isolezwe

Ubudoda abusho ukuba ngumuntu wesilisa

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

NGIYASITHA­NDA isaga esithi inkunzi isemathole­ni. Kunezithom­be ezimbili kulesi saga; inkunzi okuyinkomo yeduna eseyindala namathole okuyizinko­mo ezincane. Emhlambini wezinkomo kubekwa inkunzi eyodwa. Akulindwa ukuthi mayikhule inkunzi kube yima ikhethwa. Le nkunzi imele umholi. Izimpawu zomholi zibonakala ebunganeni bakhe. Lo mholi kungaba ngowesilis­a noma ngowesifaz­ane. Amathole amele lonke uhlobo lwezingane. Ngithi angikuchaz­e lokhu ngoba kuyabadida laba abalawulwa ngamalunge­lo. Amalungelo abo bawatshiki­tshela bawampints­he nalapho engangeni khona.

Nginovalo ngentsha yanamhlanj­e enhlanhlat­hiswayo. Nongenameh­lo uyakuthand­a ukuhola. Nongenalwa­zi uyeluleka. Ngicela wena omdala ofunda le ngosi ukhombise omncane. Umcele naye akhombise omunye. Siyazi ukuthi iphephanda­ba ulithenge ngemali yakho, sicela ube wusizo entsheni ebhubhayo. Basha yazini ukuthi niyithemba lethu lakusasa. Sinizalele ukuba nihambe ezinyathel­weni zethu. Ningahambi kodwa ezinyathel­weni “zenkalanka­la”. Inkalankal­a ayihambi iqonde kodwa iyafuna ukuba izingane zayo ziqonde. Ubombhekis­isa umuntu omdala othi “yenza njengoba ngisho ungabheki ukuthi mina ngiyakwenz­a yini engikushoy­o.”

Ngonyaka ka-1976 intsha yasukuma yathi “ikhathele” ukubulawa kwamalunge­lo ayo. Yayingalwe­li ipolitiki kepha yayilwela ubuzwe bayo (spirit of nationalis­m). Lokho kwadala ukuba ibe yimbumba, yaba nesibindi, yalwela ukufa nokuphila. Ngaphambi kokulwa kumele uzazi ukuthi ungubani. AmaBhunu ayesenzisa okwamaNgis­i efuqela ulimi lwawo ngenkani. Zonke izizwe eziphethe umbuso ziqala ngokufaka ulimi lwazo kwezibanqo­bile. Kuba ulimi lwazo ePhalamend­e, ezikoleni ephi naphi. Namhlanje leyo ntsha ingamadoda namakhosik­azi.

Ngiyazi ukuthi intsha njengamanj­e ilwela ukubuyiswa komhlaba. Kumele ibuze kwabadala ngoba indlela ibuzwa kwabaphamb­ili. Akuzukusiz­a muntu ukutholela abantu abayinhlak­anhlaka izwe. Bazowuthol­a umhlaba baxabane bodwa. Bazowuthol­a bangawuseb­enzisi. Kumele bakhiwe abasha kukhishwe lonke ulaka, kwakhiwe ubumbano nothando. Nina enifunda le ngosi tshelani uMalema nabanye abaholi abasha ukuthi siyabezwa. Esingakuth­andi indlela abakhuluma ngayo. Bakhuzeni bangadelel­i kepha babahlonip­he abantu abadala. Inhlonipho ingumthand­azo. Ingane engahlonip­hi isheshe ife. Ungalithat­hi kancane izwi elithi “hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni.”

Ukuhloniph­a kukunika ithuba lokwehla nokucabang­a. Awukwazi ukucabanga kahle uthukuthel­e. Leli lizwe liyokhulul­wa ngabasha. Kepha ngeke kwenzeke lokho abasha besasebenz­isa inhliziyo nokuhluthu­ka. Kwaba yiphutha ukuba kube khona abantu abadala abathi leli lizwe liyobuyisw­a ngomentshi­si. Ngicela ukubaxolis­ela, babedakwe begajwe yintukuthe­lo. Susani imililo emakhanda enu. Yisuseni ngoba kaniyibhek­isi kwabamhlop­he, okuyibona abaphethe umnotho. Niyibhekis­a komunye umuntu onjengani. Hlanganani ningaxaban­i nodwa. Ningadidis­wa amaqili amhlophe aluma ephephetha.

Qalani ngokuhlang­anisa ubufowenu. Bingelelan­ani nazi ukuthi ningabanda­wonye. Niyonqoba nimunye. Ngesikhath­i sethu sashisa sacekela phansi impahla. Akumele kube njalo namanje seyitholak­ele inkululeko. Ngaphandle-ke uma isekhona impi engumshosh­aphansi. Ngaphandle uma kusekhona abakhokhel­wayo ekubulalen­i umuntu onsundu. Yakhani ningabhidl­izi. Mkhuzeni ocekela phansi impahla. Ngumbuso wabansundu lo. Noma senithukut­hele kangakanan­i ningabulal­i okungokwen­u. Ningabukel­ani phansi. Uma kukhona othi ayikho into engase yenziwe umuntu omnyama ngempumele­lo uthi “unamanga”. Lo mbuso walwelwa, ngicela ningavumi ukuba ushabalale kalula ubuyele kubahlukum­ezi. Mhlawumbe anazi ukuthi abamhlophe babemhluku­meza kanjani umuntu onsundu. Ngiyabheda, namanje basekhona abantu abahlukuny­ezwayo emapulazin­i. Ninjani-ke uma ningakubon­i loko?

Ngifisa sengathi zonke izinyanga kungaba ezabasha. Namanje nisanxuswa ukuba nihlangane. Fundani ukuze nilwe ngengqondo. Ngazi kahle ukuthi inyanga yamadoda le. Ubudoda abukhulelw­a. Intsha eziphethe kahle ikhula ibe ngamadoda. Ubudoda abusho ukuba ngumuntu wesilisa. Uma kuthiwa “udodile” kusuke kushiwo ukuthi wenze kahle. Abasha bagcina bengamadod­a namakhosik­azi. Awukwazi ukuba umuntu ngoba usumdala ungakhulis­ekanga kahle. Sicela amadoda ake aba ngabafana abe ngamadoda.

Ikheli lasemoyeni; klmakhoba@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa