Ubudoda abusho ukuba ngumuntu wesilisa
NGIYASITHANDA isaga esithi inkunzi isematholeni. Kunezithombe ezimbili kulesi saga; inkunzi okuyinkomo yeduna eseyindala namathole okuyizinkomo ezincane. Emhlambini wezinkomo kubekwa inkunzi eyodwa. Akulindwa ukuthi mayikhule inkunzi kube yima ikhethwa. Le nkunzi imele umholi. Izimpawu zomholi zibonakala ebunganeni bakhe. Lo mholi kungaba ngowesilisa noma ngowesifazane. Amathole amele lonke uhlobo lwezingane. Ngithi angikuchaze lokhu ngoba kuyabadida laba abalawulwa ngamalungelo. Amalungelo abo bawatshikitshela bawampintshe nalapho engangeni khona.
Nginovalo ngentsha yanamhlanje enhlanhlathiswayo. Nongenamehlo uyakuthanda ukuhola. Nongenalwazi uyeluleka. Ngicela wena omdala ofunda le ngosi ukhombise omncane. Umcele naye akhombise omunye. Siyazi ukuthi iphephandaba ulithenge ngemali yakho, sicela ube wusizo entsheni ebhubhayo. Basha yazini ukuthi niyithemba lethu lakusasa. Sinizalele ukuba nihambe ezinyathelweni zethu. Ningahambi kodwa ezinyathelweni “zenkalankala”. Inkalankala ayihambi iqonde kodwa iyafuna ukuba izingane zayo ziqonde. Ubombhekisisa umuntu omdala othi “yenza njengoba ngisho ungabheki ukuthi mina ngiyakwenza yini engikushoyo.”
Ngonyaka ka-1976 intsha yasukuma yathi “ikhathele” ukubulawa kwamalungelo ayo. Yayingalweli ipolitiki kepha yayilwela ubuzwe bayo (spirit of nationalism). Lokho kwadala ukuba ibe yimbumba, yaba nesibindi, yalwela ukufa nokuphila. Ngaphambi kokulwa kumele uzazi ukuthi ungubani. AmaBhunu ayesenzisa okwamaNgisi efuqela ulimi lwawo ngenkani. Zonke izizwe eziphethe umbuso ziqala ngokufaka ulimi lwazo kwezibanqobile. Kuba ulimi lwazo ePhalamende, ezikoleni ephi naphi. Namhlanje leyo ntsha ingamadoda namakhosikazi.
Ngiyazi ukuthi intsha njengamanje ilwela ukubuyiswa komhlaba. Kumele ibuze kwabadala ngoba indlela ibuzwa kwabaphambili. Akuzukusiza muntu ukutholela abantu abayinhlakanhlaka izwe. Bazowuthola umhlaba baxabane bodwa. Bazowuthola bangawusebenzisi. Kumele bakhiwe abasha kukhishwe lonke ulaka, kwakhiwe ubumbano nothando. Nina enifunda le ngosi tshelani uMalema nabanye abaholi abasha ukuthi siyabezwa. Esingakuthandi indlela abakhuluma ngayo. Bakhuzeni bangadeleli kepha babahloniphe abantu abadala. Inhlonipho ingumthandazo. Ingane engahloniphi isheshe ife. Ungalithathi kancane izwi elithi “hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni.”
Ukuhlonipha kukunika ithuba lokwehla nokucabanga. Awukwazi ukucabanga kahle uthukuthele. Leli lizwe liyokhululwa ngabasha. Kepha ngeke kwenzeke lokho abasha besasebenzisa inhliziyo nokuhluthuka. Kwaba yiphutha ukuba kube khona abantu abadala abathi leli lizwe liyobuyiswa ngomentshisi. Ngicela ukubaxolisela, babedakwe begajwe yintukuthelo. Susani imililo emakhanda enu. Yisuseni ngoba kaniyibhekisi kwabamhlophe, okuyibona abaphethe umnotho. Niyibhekisa komunye umuntu onjengani. Hlanganani ningaxabani nodwa. Ningadidiswa amaqili amhlophe aluma ephephetha.
Qalani ngokuhlanganisa ubufowenu. Bingelelanani nazi ukuthi ningabandawonye. Niyonqoba nimunye. Ngesikhathi sethu sashisa sacekela phansi impahla. Akumele kube njalo namanje seyitholakele inkululeko. Ngaphandle-ke uma isekhona impi engumshoshaphansi. Ngaphandle uma kusekhona abakhokhelwayo ekubulaleni umuntu onsundu. Yakhani ningabhidlizi. Mkhuzeni ocekela phansi impahla. Ngumbuso wabansundu lo. Noma senithukuthele kangakanani ningabulali okungokwenu. Ningabukelani phansi. Uma kukhona othi ayikho into engase yenziwe umuntu omnyama ngempumelelo uthi “unamanga”. Lo mbuso walwelwa, ngicela ningavumi ukuba ushabalale kalula ubuyele kubahlukumezi. Mhlawumbe anazi ukuthi abamhlophe babemhlukumeza kanjani umuntu onsundu. Ngiyabheda, namanje basekhona abantu abahlukunyezwayo emapulazini. Ninjani-ke uma ningakuboni loko?
Ngifisa sengathi zonke izinyanga kungaba ezabasha. Namanje nisanxuswa ukuba nihlangane. Fundani ukuze nilwe ngengqondo. Ngazi kahle ukuthi inyanga yamadoda le. Ubudoda abukhulelwa. Intsha eziphethe kahle ikhula ibe ngamadoda. Ubudoda abusho ukuba ngumuntu wesilisa. Uma kuthiwa “udodile” kusuke kushiwo ukuthi wenze kahle. Abasha bagcina bengamadoda namakhosikazi. Awukwazi ukuba umuntu ngoba usumdala ungakhulisekanga kahle. Sicela amadoda ake aba ngabafana abe ngamadoda.
Ikheli lasemoyeni; klmakhoba@gmail.com