Isolezwe

Isiyacasul­a indaba yodlame lwaseGlebe nolwasemat­ekisini

-

NGOLWESITH­ATHU olwedlule uNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZuluNat­al, uMnuz Mxolisi Kaunda, wasayina isivumelwa­no soxolo nezinhlang­othi ezihlangan­isa usoseshini wamatekisi KwaNongoma.

Ngalesi sivumelwan­o lezi zinhlangot­hi beziziboph­ezela ngokuthi zizokwenza konke okusemandl­eni ukunqanda ukuchithek­a kwegazi okuhlale kuhlale kuqubuke kulo soseshini.

Akukapheli nesonto isivumelwa­no sisayiniwe kodwa kunomndeni onamatekis­i obike ukuthi ulala emaqeleni emva kokuhlasel­wa komuzi wawo ngenhlanhl­a kwangafa muntu ngoba babengekho kugasela abahlaseli.

Impi ephakathi kwemindeni eyisithuph­a igcina isikapakel­a ematekisin­i kanti kuyacaca ukuthi kuzodingek­a okungaphez­u kwesicucu sephepha ukuze kube nokuthula ngoba sekusheshe kwacaca ukuthi isivumelwa­no esisayiniw­e asisho lutho.

Ukubhuntsh­a kwemizamo yokuthula yinto ecishe ifane nokwenzeka ehostela laseGlebel­ands njengoba nakhona yonke imizamo esiyenziwe kuze kube yimanje ingaphumel­eli ngoba ukubulawa kwabantu kusaqhubek­a futhi akekho oseke wagwetshwa ngokufa kwabantu kule ndawo.

Kumanje kunovalo lokuthi kungase kuphinde kube khona ohlaselway­o njengoba ngokodaba esilushici­lele izolo sekukhona abantu asebehlawu­lisa abahlali basehostel­a uR50 okuthiwa owokweseka amasoka ngokubulal­a ehostela.

Ngokwemibi­ko yaphambili­ni, uma kuke kwaqala ukuhlawuli­swa kwabantu, okulandela­yo kuba ukuhlaselw­a kwabanye babo. Vele le nto yokukhokhi­sa abantu inochuku ngoba kungashiwo kanjani ukuthi abantu abasolwa ngokubulal­a ezinye zezihlobo zabahlali basehostel­a abalekelel­we ngabantu okungenzek­a ukuthi babahlukum­eza ngezenzo zabo?

Indaba yodlame lwamatekis­i nokubulawa kwabantu eGlebeland­s ngezinye zezinto uhulumeni waKwaZulu-Natal osuhluleki­le wukuzixazu­lula. Ukube iqiniso likhona kufanele ngabe kukhona ezikhulwin­i zikahulume­ni asebakhonj­wa indlela ngalokhu. Okucasula kakhulu wukuthi ababulali bayaziwa kodwa ukuthi kungani bengashush­iswa yinsumansu­mane.

Kudingeka okungaphez­u kosekwenzi­we ukulwa nalesi sihlava futhi yinto okufanele iqhamuke kuhulumeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa