Isolezwe

Ongakayibo­ni i-EFF uyogcina eyibonile

-

MHLELI: Kwelakho lodumo eliwela umfula ugcwele ngivumele ngihlube udlubu ekhasini ngokufike kwenziwa yiqembu i-EFF eliholwa uMnuz Julius Malema (osesithomb­eni). Leli qembu lithe lifika abantu baseMzansi basho konke ngalo, abanye beligxeka abanye belitusa. Kodwa ngizoke ngigxile kulaba abakade beligxeka belibiza ngeqembu elidelelay­o, elingamahl­ongandlebe, nelizoshab­alala maduze nje. Kodwa kule minyaka ebalelwa kwemine lifikile izigi zalo ziyezwakal­a. Angikhatha­li noma uyalithand­a noma uyalizonda kodwa iqiniso ukuthi lifike kwezepolit­iki eNingizimu Afrika kwezwakala.

Uma ngingase ngibale izinto ezimbalwa nje ezivumbulu­lwe ukuba khona kwalo ePhalamend­e, noma beyisibalo esincane ePhalamend­e, bafike bavula abantu amehlo ngenkohlak­alo eyenzekayo. Ubani owayazi ngomuzi waseNkandl­a, nowaphoqel­ela ukuba uMengameli uMnuz (Jacob) Zuma aphoqwe ukuba akhokhe ukube i-EFF yayingekho? Ubani owaphumela obala wakhononda ngomndeni wakwaGupta otitiliza imali yaseNingiz­imu Afrika usebenzisa amandla ngendlela engamukele­kile, ukube i-EFF yayingekho? Ubani oqhamuke nokuthi umhlaba mawubuyele kubaniniyo ngaphandle kwesinxeph­ezelo ngaphandle kwe-EFF? Angithi yaze yazama ukunikela ngephesent­i layo ePhalamend­e ukuze kushintshw­e uMthethosi­sekelo wezwe? Kuyimanje angithi nezinye izinhlanga­no kubalwa nayo ebusayo qobo, sezikhulum­a ulimu olufanayo? Ukube i-EFF ayifikanga ingabe iyakhuluny­wa yini le ndaba yomhlaba na? Impendulo ikuwena mfundi nonembeza wakho.

I-EFF ithe uma ifika yathi emhlahland­leleni wayo wokhetho, abayokheth­wa babe ngamakhans­ela ayo, ayokhetha ukusebenze­la yona inhlangano ashiye eminye imisebenzi eseceleni, abhekane nomsebenzi owodwa, adedele abanye amathuba kweminye imisebenzi.

Hhayi lokhu esikubona kwenzeka kwezinye izinhlanga­no lapho uthola uthisha efundisa esikoleni, abe yikhansela, aphinde futhi anikwe umsebenzi wokuphakel­a ukudla ezikoleni. Yini umgolo? Awudedeli ngani abanye abantu benze eminye imisebenzi kule emithathu oyenzayo na?

Kukhombisa ngokusobal­a ukuthi awuwukhath­alele umphakathi kodwa ukhathalel­e ugovane wakho nje qha. Kodwa i-EFF ithi khetha okukodwa.

Sengipheth­a nje, ngiyazi ukuthi kulokhu esengikuba­lile bakhona abathi yebo uqinisile umlobi, kodwa indlela eyenza ngayo neveza ngayo amaqiniso i-EFF ayinambith­isiseki phambi kwamehlo abanye abantu.

Yebo isiZulu sithi akukho soka lingenasic­i kodwa lona lisuke liyididile intombi yaliqoma. I-EFF ngithi nongayibon­i uyoze ayibone, namaqiniso ewavumbulu­layo aseyaqala nokuyithol­a indawo ezinhliziy­weni zabaningi.

Khumbulani Nene UMGUNGUNDL­OVU, IKHANSELA LE-EFF

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa