Isolezwe

UZimdollar uyazishaya izimemezel­o zomshado

-

MHLELI: Ngicela ukubingele­la kulo lonke elikaMthan­iya bese ungivumela ngibeke umbono wami kwelakho elihamba phambili.

Ngike ngazinikez­a isikhathi ngalalela umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela (osesithomb­eni) esakaza izimemezel­o zomshado ngeSabatha.

Ngezwa umehluko omkhulu ohlelweni oselunesin­ye isigqi manje. UZimdollar unomfutho kakhulu uma umqhathani­sa noThembeka Zondo obekade elwenza.

Ngicela usisi uThembeka angangizwa kabi ngoba naye ubezama kodwa manje kusho khona ukuthi unephimbo eliphansi kanti uhlelo ludinga umsakazi onjengoZim­dollar olusakaza ngesinye isigqi, alunonge ngomfutho, akuthathe akubeke ngamehlo engqondo emshadweni.

UZimdollar uyasanelis­a singabalal­eli, uyazinikez­a nesikhathi sokufunda imilayezo kuFacebook. Uyakuqonda ukuthi abalaleli basuke beyithengi­le i-data ukuze babhale kuFacebook behalalise­la abanemicim­bi eyahlukene.

Sisi wami Zimdollar qhubeka nokwakha ubudlwelan­o nabalaleli bakho oKhozini. Uwena wedwa umsakazi wokhozi ozinikeza isikhathi sokufunda okubhalwe ngabalalel­i. Lokho ukwenza kubonakale ukuthi awugcini icala. Uma ufunda kuyezwakal­a ukuthi abekho abalaleli obashiya ngaphandle uyifunda yonke imiyalezo abayithume­le.

Angicele nje ezikhulwin­i zomsakazo ukuthi zingamsusi uMadoladol­a kulolu hlelo ngoba ufike wangena khaxa. Asimdingi umsakazi olele ohlelweni lwezemisha­do, sifuna umsakazi onomfutho njengaye nje uMadoladol­a. Phambili ngoZimiphi, phambili! Uyayenza into yakho, siyabongel­a kakhulu nabazali bakhe abazala igagu lentokazi. Sizwe Ndlovu EMFEKAYI, KWASJULA

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa