Konakele ezikhungweni zabagula ngengqondo
IZIKHUNGO zabagula ngengqondo KwaZuluNatal zisesimeni esibi futhi uma inkinga ekhona ingasukunyelwa kungaba nembedumehlwana.
Lona ngumbono weSouth African Society for Psychiatrists (SASOP).
UMengameli weSASOP, uSolwazi Bernard Janse van Rensburg uthe ukushoda kodokotela abangochwepheshe bengqondo esifundazweni kuyinkinga njengoba zingu-20 izikhala ezivalwayo kwezingu 45. “Ukushoda kwemibhede, eminye engasebenzi ngenxa yokuthi lapho ikhona kuvuza uphahla olungalungisiwe emva kwesiphepho esaba namandla ngo-2015, ukungabi bikho kwamanzi nokudla ezibhedlela okubalwa Umzimkhulu nezinye ezweni lonke, lokho kucindezela amalungelo abantu,” kusho uVan Rensburg.
Ngesikhathi uMnyango wezeMpilo uphendula imibuzo yeDA ePhalamende, uthe ubeke isabelo-mali sikaR851 116 737 ngenhloso yokusiza abagula ngengqondo ngo-2017/18. Kule mali izinhlangano ezizimele zithole inkece engaphezu kuka-R16 million.
Bangu 26 odokotela esifundazweni kodwa bangu 19 kuphela abafakwe ezikhungweni zezempilo.
Izikhungo ezinhlanu kuthiwa azinabo odokotela. Kukhona izikhungo ezivakashelwa odokotela mhlawumbe kabili ngesonto.
Okhulumela i-DA KwaZuluNatal ezindabeni ezithinta ezeMpilo, uDkt Imran Keeka, uthe ukungagcwaliswa kwezikhala zemisebenzi yodokotela kunciphisa amathuba emisebenzi.
“Njengoba uMnyango wezeMpilo wamemezela ngoNovemba 2015 ukuthi kunezikhala ezingeke zisagcwaliswa lokhu kwenza ukuthi umnyango ungabe usakwazi ukusebenza,” kusho uDkt Keeka. Okwenza isimo sibe sibi kakhulu wukuthi ikomiti lezeMpilo lithole ngebamba loMphathi omkhulu wezimali ukuthi njengoba izimali zomnyango zibheda umnyango uzohluleka wukuhlinzeka kahle iziguli ngosizo KwaZulu-Natal wengeza ngokuthi ngeke zize zigcwaliswe izikhala ezingu 2000,
“Lokhu kuhlanganisa nodokotela bengqondo. Ngisanda kuvakashela isibhedlela iTownhill Specialised Psychaitric ezinyangeni ezimbili ezedlule. Lesi sibhedlela siqinisekisile ukuthi sishodelwa odokotela nezinsiza zokusebenza futhi alikho ithemba lokuthi THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. le nkinga ingaxazululeka ngokushesha,” kusho uKeeka.
UNkk Charlene Sunkel osebenza kwaSA Federation for Mental Health uthe ukushoda kodokotela bengqondo kuyabakhinyabeza abagula ngengqondo abadinga usizo.
“Manje yisikhathi sokuthi uhulumeni ahloniphe imigomo yeMental Health Policy Framework ngoba ukuthola usizo lokwelashwa ingqondo kuyilungelo elikumthethosisekelo,” kusho uNkk Sunkel.
I-SA Depression and Anxiety Group (Sadag) ithe kuyakhathaza ukuthi zincane izikhala ezivalwayo kodwa kube kunesidingo esikhulu sodokotela bengqondo.
UNkk Casey Chambers weSadag uthe ukungabi nodokotela bengqondo abanele kubhebhethekisa izinkinga ezivele zikhona kuMnyango wezeMpilo.
UMnyango wezeMpilo awuzange uyiphendule imibuzo othunyelelwe yona ngoLwesine.
Uhulumeni wesifundazwe uthe usebenzisana nomnyango ukuzama ukuthola isisombululo.
UMnuz Ndabezinhle Sibiya okhulumela uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, uthe ukunqanyulwa kwesabelo-mali somnyango kudalwa yizinkinga eziwukhungethe.
“Odokotela abelapha umdlavuza nabengqondo yibona esibanake kakhulu njengohulumeni wesifundazwe yingakho singenelela,” kusho uSibiya.