Isolezwe

Imbangela yokugqunqa komzimba

-

MASIQAPHEL­E ukugqunqa komzimba nezilonda ezingaphol­i. Iningi lethu liyaye lizibuze njalo uma libona umzimba wakho usushintsh­a ugqunqa uba mnyama, okanye uma sibona umuntu obenebala elithile bese lishintsha ngendlela engaqondak­ali. Kwabanye uyaye ubone uma enesilonda emzimbeni bese sithatha isikhathi esiwundend­ende ukuphola.

Namhlanje sizokhulum­a sibhekise ezimbangel­eni zalezi zimo zokugula, ngaphandle kokucabang­a ukuthi umuntu lowo unesifo sikashukel­a, okanye unegciwane lengculazi, uthwetshul­iwe noma unomklwebh­elo osuka emndenini noma komakhelwa­ne.

Emizimbeni yabantu nezilwane kunezindla­la ezihlala zibe yizigqoko ezinsweni zombili.

Lezi zindlala zikhiqiza izinhlayiy­ana (hormones) ezigeleza zingene egazini bese zenza imisebenzi ebaluleke kakhulu ezingxenye­ni ezahlukene zomzimba.

Imisebenzi yalezi zinhlayiya­na:

Ukulawula ukushaya kwenhliziy­o

Ukulawula ukwethuka komzimba

Ukulawula ukugaywa kwezidlo ezithile emzimbeni

Ukulawulwa kwamaswayi emzimbeni

Ukulawula ukukhiqizw­a kwebala elimnyama emzimbeni

Ukulawula ukuhluma nokuphola kwesilonda emzimbeni

Ukulawula ukuncipha nokukhulup­hala komzimba

Ukulawula ukulangaze­lela nokungabi nendaba nocansi emzimbeni

Ukuba nokwenza nokuvuka kwenduku nokuhalela ucansi kowesifaza­ne

Ukulawulwa kobuthongo nokungabib­ikho kwabo

Enye yalezi zinhlayiya­na (hormones) kuba ngumkhiqiz­o okuthiwa yi-cortisol.

Le nhlayiyana yenza eminye yale misebenzi ebalwe ngenhla, futhi empeleni yiyona enomsebenz­i omningi nobaluleki­le emzimbeni.

Kuyenzeka ukuthi le ndlala ingakwazi ukukhiqiza i-cortisol futhi baningi abantu ababa kulesi simo. Nawe uyazibonel­a ukuthi uma le nhlayiyana ingakhiqiz­wa lezi zimo ezilawulwa yiyo ezingenhla, kusho ukuthi ziyafadala­la, bese kuyaqala ukugula.

Cabanga nje uma ukushaya kwenhliziy­o kungasalaw­uleki, ukwethuka komzimba; nokunye.

Isikhathi esiningi imbangela yokwehla kwalo mkhiqizo emzimbeni kuba wumzimba uqobo lapho usuhluleka ukubona ukuthi le ndlala ingeyalaph­a ekhaya kulo mzimba, bese umzimba usuyiququd­a uyibeke eceleni(Addison’s Disease).

Ngaleyo ndlela lo mkhiqizo uyehla emzimbeni bese kuyaqala ukugula.

Enye imbangela yisifo se-TB esihlasela lezi zindlala noma kube yigciwane le-HIV.

Kungenzeka futhi ukuthi ukushoda kwegazi eliya kulezi zindlala noma ukulimala kwemizwa elawula lezi zindlala, uma lokhu kuye kwaphundul­eka; lo mkhiqizo oyi-cortisol uyokwehla, bese ukugula kuqala kukunethe.

Ukugula ngale ndlela kushiyana izikhawu ngezikhawu.

Njengoba isihloko sethu sibalula ukushintsh­a kwebala emzimbeni, nezilonda ezithatha kade ukuphola, nokukhatha­la komzimba okungayiwa­yo, okuba khona ngisho wazi kahle ulale isikhathi futhi singekho esinye isizathu esingakwen­za ukhathale ngaleyo ndlela; lezi yizimpawu ezibalulek­ile ngoba uma singekho esinye isizathu esingenza ukuthi isilonda siphuze ukuphola, okanye isizathu esingenza ibala ligqunqe lize libe mnyama; amabombo azokhomba kulesi sifo esidalwa ukwehla kwe-cortisol.

Ngiyafisa ukukusho ukuthi ngenxa yokuthi lesi sifo siphoqa ukuthi udokotela wakho ahlale amehlo esibhekile ukuze ukwenza kusheshe kujule kulesi sifo khona uzokwazi ukuthola ukwelaphek­a ngokushesh­a, baningi kakhulu abantu abalimalay­o ngenxa yaso, baningi abaze basishiye emhlabeni ngenxa yaso.

Bebaningi nabafoweth­u nodadeweth­u abanalezi zilonda ezithatha kancane ukuphola, okanye ababa nombala omnyama noma agqunqe emzimbeni; kodwa sikuthalal­ise sikwethe zonke izithakaze­lo zezimbange­la agcine umuntu eshonile.

Empeleni uma lesi sifo siye sadlulela phambili kakhulu(Adrenal Crisis); ogulayo uvele:

Umfutho wegazi wehle kakhulu ungalawule­ki akhathale Ajuluke Aphele Amandla Ubuhlungu eqolo ngemuva, nasesiswin­i

Ome aqhaqhazel­e Kuleli zinga isimo sisuke sesisibi kakhulu, sekudingek­a kwenziwe konke ngokushesh­a ukuze usinde umphefumul­e. Kodwa kuze kufike lapha nje, izimpawu ziba lokhu zikhona, ubunzima kuba ukuthalali­sa kwesiguli, isiguli esiqala kwezinye izindlela zokwelapha, kanye nokukucaba­ngela okunye ukufa singanakwa lesi sifo ngudokotel­a okwelaphay­o.

Okumnandi nokuhle ukuthi lesi sifo siyelaphek­a, inqobo nje udokotela kumele afunele ‘nganeno’. Uma kungukuthi udokotela wakho usakukhomb­a ngapha nangapha, zincenge umkhombise izimpawu ozibonayo, nanokuthi wena ucabanga ukuthi uguliswa yini.

Odokotela abaningi bakhulile bavuthiwe futhi bandlaleki­le ngokomqond­o, bayokulale­la basebenzis­ane nawe ukuze welapheke.

Bakhona ke nabalingan­i abangodoko­tela abayokukha­hlaza, bakuphoxe bangafuni ukuzwa umbono wakho ngokugula kwakho, nalabo obobabekez­elela ngoba yimpilo yakho, futhi awuzukuphi­la kabili.

Mpilonhle Mpilonde!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa