Asibanike ithuba abafikayo ezinhlelweni
ISISHO esithi abantu kabayi nganxanye bengemanzi siyichaza kahle into eyenzeka emsakazweni uKhozi FM ngabasakazi okuhlukana imibono ngabo kube nababathandayo abanye bangayizwa indaba yabo.
Indaba enkulu isohlelweni lukamasikandi iSgiya Ngengoma olungena njalo ngoMgqibelo ekuseni. Lolu hlelo lwethulwa nguBheka Mchunu noNkosinathi Mshengu. Eminyakeni embalwa eyedlule belushayelwa nguTshatha Ngobe noNgizwe Mchunu. Abantu bakhala ngengevu kubo. Luke lwabanjwa wuNakane obekunguZimdollar noBheka Mchunu kodwa uZimdollar washiya wangena kwipolitiki njengoba esebuyile nje kulo msakazo.
UBheka “Beekay” Mchunu ulibambe noNgizwe Mchunu abalaleli bakhala ngokuthi uNgizwe ucheme nabaculi abathile. Manje uBeekay ulibambe noDr Love, uMshengu.
UMshengu akakaqedi nasikhathi singakanani ekulolu hlelo kodwa sekukhona abangamnike thuba abathi abayizwa indaba yakhe.
Inkinga enkulu wukuthi abacacisi ukuthi yini eyenza bangamfuni kodwa balokhu bethi “angimuzwa kahle”.
Kuyinkinga ukuthi umuntu uthi esanda kuqala nje ohlelweni abe esebekwa amabala, anganikwa ithuba lokuthi azinze ukuze sizozwa ukuthi ufika nani.
Okuyinkinga kakhulu wukuthi abanye bafuna ukumlalela ngodlebe lokumqhathanisa nabasakazi abadlule.
NoMshengu ngabe wenza iphutha elikhulu uma ezama ukuzenza abasakazi abathize kodwa yena akabe wuye ukuze sizwe kahle ukuthi uza nani.
Okuhle ngoMshengu wukuthi uke waba yintatheli phambilini okuyinto ezomsiza ekutheni uma ebuza imibuzo abantu abavakashe ohlelweni abuze izinto abalaleli abafuna ukuyizwa ngaphandle kokusaba.
Phela abanye abasakazi bathi uma bexoxa nomuntu balibale wukubuza imibuzo engathi shu kucace nje ukuthi bangabalandeli balowo muntu noma abamazi.
NakuSbu Buthelezi yinto efanayo njengoba kukhona abakhalayo.
Ngokwami uhlelo lwabo lumnandi, kuyikho ukuthi sisazama ukumjwayela uSbu engenzi uhlelo lwezenkolo. NgoLwesihlanu ngithanda isigaba esibizwa ngeGwababa lapho khona kufona umuntu efuna ukutshelelwa umuntu asondelene naye ukuthi uyamthanda kodwa uyamsaba.
Yisigaba esimnandi lesi futhi esihlekisayo kwezinye izinsuku.
Asibanikeze isikhathi bathi ukuzinza ezinhlelweni zabo sizwe kahle ukuthi baphetheni. Siyobahlulela uma sekuphume izinombolo zabalaleli ukuthi zimi kanjani.
Ungangibhalela ku-fanelesibonge.bengu@inl.co.za, kuTwitter @fanelebengu noma ku-Instagram @fanelebengu