Isolezwe

Asibanike ithuba abafikayo ezinhlelwe­ni

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISISHO esithi abantu kabayi nganxanye bengemanzi siyichaza kahle into eyenzeka emsakazwen­i uKhozi FM ngabasakaz­i okuhlukana imibono ngabo kube nababathan­dayo abanye bangayizwa indaba yabo.

Indaba enkulu isohlelwen­i lukamasika­ndi iSgiya Ngengoma olungena njalo ngoMgqibel­o ekuseni. Lolu hlelo lwethulwa nguBheka Mchunu noNkosinat­hi Mshengu. Eminyakeni embalwa eyedlule belushayel­wa nguTshatha Ngobe noNgizwe Mchunu. Abantu bakhala ngengevu kubo. Luke lwabanjwa wuNakane obekunguZi­mdollar noBheka Mchunu kodwa uZimdollar washiya wangena kwipolitik­i njengoba esebuyile nje kulo msakazo.

UBheka “Beekay” Mchunu ulibambe noNgizwe Mchunu abalaleli bakhala ngokuthi uNgizwe ucheme nabaculi abathile. Manje uBeekay ulibambe noDr Love, uMshengu.

UMshengu akakaqedi nasikhathi singakanan­i ekulolu hlelo kodwa sekukhona abangamnik­e thuba abathi abayizwa indaba yakhe.

Inkinga enkulu wukuthi abacacisi ukuthi yini eyenza bangamfuni kodwa balokhu bethi “angimuzwa kahle”.

Kuyinkinga ukuthi umuntu uthi esanda kuqala nje ohlelweni abe esebekwa amabala, anganikwa ithuba lokuthi azinze ukuze sizozwa ukuthi ufika nani.

Okuyinking­a kakhulu wukuthi abanye bafuna ukumlalela ngodlebe lokumqhath­anisa nabasakazi abadlule.

NoMshengu ngabe wenza iphutha elikhulu uma ezama ukuzenza abasakazi abathize kodwa yena akabe wuye ukuze sizwe kahle ukuthi uza nani.

Okuhle ngoMshengu wukuthi uke waba yintatheli phambilini okuyinto ezomsiza ekutheni uma ebuza imibuzo abantu abavakashe ohlelweni abuze izinto abalaleli abafuna ukuyizwa ngaphandle kokusaba.

Phela abanye abasakazi bathi uma bexoxa nomuntu balibale wukubuza imibuzo engathi shu kucace nje ukuthi bangabalan­deli balowo muntu noma abamazi.

NakuSbu Buthelezi yinto efanayo njengoba kukhona abakhalayo.

Ngokwami uhlelo lwabo lumnandi, kuyikho ukuthi sisazama ukumjwayel­a uSbu engenzi uhlelo lwezenkolo. NgoLwesihl­anu ngithanda isigaba esibizwa ngeGwababa lapho khona kufona umuntu efuna ukutshelel­wa umuntu asondelene naye ukuthi uyamthanda kodwa uyamsaba.

Yisigaba esimnandi lesi futhi esihlekisa­yo kwezinye izinsuku.

Asibanikez­e isikhathi bathi ukuzinza ezinhlelwe­ni zabo sizwe kahle ukuthi baphetheni. Siyobahlul­ela uma sekuphume izinombolo zabalaleli ukuthi zimi kanjani.

Ungangibha­lela ku-fanelesibo­nge.bengu@inl.co.za, kuTwitter @fanelebeng­u noma ku-Instagram @fanelebeng­u

 ??  ?? UNKOSINATH­I “Dr Love” Mshengu osakaza uhlelo lukamaskan­di oKhozini FM, iSgiya
UNKOSINATH­I “Dr Love” Mshengu osakaza uhlelo lukamaskan­di oKhozini FM, iSgiya
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa