Isolezwe

Kukhuthazw­a abantu ukuthi baye kwaSars

- BONISWA MOHALE

ABAQOQI bentela iSouth African Revenue Service (Sars) bagqugquze­le bonke abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi bayofaka imininingw­ane yabo yokukhokha intela kuwo wonke amahhovisi ale nhlangano njengoba seluvuliwe uhlelo lokuqoqa intela.

Esitatimen­deni esikwi-website yakwa-Sars baveze ukuthi uhlelo lokuqoqwa kwentela luvulwe ngoMgqibel­o kubantu abafaka imininingw­ane yabo kwi-internet kanti kwabafuna ukuziyela emahhovisi akwa-Sars imininingw­ane iqale ukuqoqwa izolo.

Baveze ukuthi ngonyaka odlule bangu-6.31 million abantu abakhokhe intela kanti bathi kubaluleki­le ukuthi abantu bakhokhe intela ngoba imali yabo isetshenzi­swa ukuthuthuk­isa iNingizimu Afrika.

Akubona bonke abantu abafanele ukukhokha intela noma ukuya emahhovisi akwa-Sars ukuze bakhokhe intela, nalu uhlu lwabangaku­fanele ukukhokha.

Abantu abahola u-R350 000 ngonyaka akufanele bakhokhe intela.

Abasebenze­la umqashi oyedwa ngonyaka futhi behola kancane akufanele bakhokhe.

Uma behola ngaphansi kuka-R350 000, bengazitho­li izibonelel­o ezifana no-car allowance, business income bengaseben­zi kwenye indawo futhi bengenazo izindlu zomqasho.

Uma umuntu engenayo i-medical aid, retirement annuity nama-travel expenses.

Uma uya kwa-Sars kufanele uphathe lokhu

IRP5/IT3(a) ephuma kumqashi wakho noma esikhwamen­i sakho sempesheni.

Isitifiket­i sokulondol­oza imali bayakwazi olondoloza kubo ukuthi kufanele uhambise iphepha elithile kwa-Sars.

Izitatimen­de zokusebenz­a kwemali uma ungusomabh­izinisi noma uzisebenza.

Kumele uphathe ne-log book uma uthola i-car allowance noma i-travel allowance enkampanin­i oyisebenze­layo.

Uma ulondoloza imali yakho kwamanye amazwe kumele uphathe amaphepha afakazela lokhu.

Ungawukhoh­lwa umazisi wakho, incwadi enekheli lalapho uhlala khona ngoba kuyadingek­a kwa-Sars.

Qaphela ungaqolwa ngabathi bazokuleke­lela ukuthi uthole imali kwa-Sars futhi ungawaphen­duli ama-sms afuna izinombolo zakho zasebhange. Abakwa-Sars bathe abasoze bacela abantu ukuthi bafake imininingw­ane yabo yasebhange kwi-sms .

Uma usola ukuthi kunabafuna ukukuqola thinta abakwa-Sars ku-0800 000 2870 noma ku-0800 00 7277.

Njengoba isikhathi sokukhokha intela sesiqalile sizovalwa ngoSepthem­ba kulabo abaziyela emahhovisi akwa-Sars bese labo abafaka kwi-internet (e-filing) kuvalwa ngoNovemba 21. Lizoba khona iwindi elizovulel­wa abenza izinto ngomzuzu wokugcina kwi-efiling njengoba bezonikezw­a kuze kube nguJanuwar­i 31 wonyaka ozayo.

 ?? Isithombe: JEFFREY ABRAHAMS ?? ABAKWASars badonse ngendlebe abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi baphathe yonke imininingw­ane yabo uma sebehambis­a amaphepha okukhokhel­a intela. Umazisi nencwadi enekheli lomuntu kuyadingek­a
Isithombe: JEFFREY ABRAHAMS ABAKWASars badonse ngendlebe abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi baphathe yonke imininingw­ane yabo uma sebehambis­a amaphepha okukhokhel­a intela. Umazisi nencwadi enekheli lomuntu kuyadingek­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa