Kusule obengumqondisi kweyezezimali
INKAMPANI yezezimali ehlonishwayo kuleli, i-Alexander Forbes Group Holdings, ngoMsombuluko imemezele ukuthi usesulile esikhundleni obengumqondisi wale nkampani, uMnuz Moses Kgosana.
UKgosana, owayeyisikhulu esiphezulu enkampanini yabacwaningi mabhuku, iKPMG, bekulindeleke ukuthi abe wusihlalo we-Alexander Forbes kusukela ngo-Agasti 21.
Usula isigubhukane kule nkampani nje kulandela ukuvela kwegama lakhe kuma-emails athinta umndeni wakwaGupta, amveza njengomuntu osondelene noMnuz Atul Gupta. Kuthiwa babesondelene ngesikhathi iKPMG icwaninga amabhuku ezinkampani ezingaphansi kwe-Oakbay Group, eziphethwe wumndeni wakwaGupta.
Ngokwenhlangano yezintatheli ezimele, AmaBhungane, abakwaGupta bashushumbisa imali ebalelwa ku-R30 million, okwakumele isetshenziswe wuhulumeni waseFree State. Kuthiwa abakwaGupta bathatha le mali besebenzisa inkampani iLinkway Trading, enye yayo eyagcina isisetshenziswa emshadweni welungu lomndeni.
“Selokhu kusabalele izinsolo ezithinta iKPMG abenesikhundla esiphezulu kuyo ubone kukuhle ukuthi ashiye ukuze avikele isithunzi sakhe, esenkampani, kanye nabaphathi bakhe,” kusho i-Alexander Forbes esitatimendeni ngoKgosana.
“UMnuz Kgosana ubone ukuthi umsebenzi wakhe njengoSihlalo uzophazamiseka njengoba kusamele abhekane nalezi zinsolo. Siyasamukela isinqumo asithathile,” kuqhuba isitatimende.
USihlalo we-Alexander Forbes, uMnuz Sello Moloko uzoqhubeka kulesi sikhundla okwamanje. UMoloko ubonge uMnuz Kgosana ngomsebenzi asewenzele inkampani eminyankeni emibili edlule.