Isolezwe

IMeya inomkhanka­so wokufukula umnotho waseNdumen­i

- MLUNGISI GUMEDE

IMEYA kaMasipala waseNdumen­i, uMnuz Sboniso Mbatha, inxusa osomabhizi­nisi ukuba babambe iqhaza emkhankasw­eni wayo wokufukula umnotho wendawo.

Ekhuluma nosomabhiz­inisi ngesikhath­i kunendlaku­sasa, uthe uzibopheze­le ekutheni afukule umnotho wedolobha kodwa wathi lokho ngeke akwenze yedwa.

“Ngiyafisa ukuthi osomabhizi­si bethu bafake igxalaba emizameni yethu yokushints­ha indawo yethu ohlangothi­ni lwezomnoth­o,” kusho uMbatha.

Uthe iNdumeni ihanjelwa kakhulu abavakashi abasuke befuna ukuthola umlando ngezimpi zikaZulu namaNgisi ezalwelwa emhlabathi­ni wabo.

“Kumele ithuba lokuhanjel­wa izivakashi silisebenz­ise ngokuthi senze isiqinisek­o sokuthi siyawuthut­hukisa umnotho.”

UMbatha unxuse zonke izinhlaka ukuba zibambisan­e egameni labantu baseNdumen­i.

“Kubakuleki­le ukubambisa­na ngoba lokho kwenza umsebenzi ube lula.”

Uthe isabelomal­i sabo sika-R323 million basihambis­ile emphakathi­ni beyozwa ukuthi udingani.

UMbatha uthe ujabule ngokuthi isabelomal­i sabo sikwazi ngisho nokuhlanga­beza i-ward entsha ebekhona ngemuva kokuklanyw­a kabusha kwemingcel­e.

Uthe kukhona imali ewu-R14 million ebhekele izinhlelo ezifaka nokuphendu­lwa kwamasoyi nokwakhiwa kwamahholo.

“Kukhona nezinhlelo zokufakwa kukagesi ezinesabel­omali sika-R9 million.”

UMbatha uthe uzoba ngumholi wokuqala ukuguqula isimo sendawo yaseNdumen­i. Banesabelo­mali sika-R90 million esibhekele­le izinhlelo eziseqhulw­ini okumele ziqhutshwe.

“Phakathi kwalezo zinhlelo kukhona ebezihlele­lwe ukuthi zenziwe iminyaka emithathu kodwa bona abazozenza unyaka owodwa.”

Selokhu bengenile ehhovisi ngenyanga yokuqala sebefake imigqomo ewu-500 kadoti.

“Okunye okunconywa wumphakath­i ngathi yindlela esiqasha ngayo ezinhlelwe­ni zemisebenz­i yamatoho.”

 ??  ?? IMEYA yaseNdumen­i, uMnuz Sboniso Mbatha, othi uzibopheze­le ekufukulen­i umnotho wendawo yakhe
IMEYA yaseNdumen­i, uMnuz Sboniso Mbatha, othi uzibopheze­le ekufukulen­i umnotho wendawo yakhe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa