Isolezwe

Uqophe umlando ephula irekhodi

- INTATHELI YESOLEZWE

UMGIJIMI wakuleli wamabanga amafushane osemncane, uClarence Munyai, uqophe umlando ku-CAA African Junior Championsh­ip ephula irekhodi ebeselime iminyaka ku-200m.

UMunyai (19) ungene phambili ngo-20:22 ku-200m okuyisikha­thi esisheshay­o kunalesi esabekwa u-Ibrahim Meite esingu-22:76 waseIvory Coast kule midlalo eminyakeni ewu-22 edlule.

Impumelelo kaMunyai isho ukuthi iNingizimu Afrika igcine ibuye nezindondo eziwu-17 emidlalwen­i ebiseTlemc­en, e-Algeria, esongwe ngempelaso­nto.

INingizimu Afrika ithole amagolide awu-12, amasiliva amane nendondo yethusi eyodwa.

INingizimu Afrika iqede endaweni yesibili ohlwini lwezindond­o ngemuva kweEthiopi­a ethathe eziwu-38.

Abanye abadlali abenze kahle uWerner Dames noHernu van Vuuren abathole indawo yokuqala neyesibili kwi-Discus.

UMpho Tladi uthole igolide ku-110m Hurdles eshaya isikhathi esingu-13:78.

Umengameli we-Athletics South Africa, u-Aleck Skhosana, ubashayele ihlombe abagijimi abasebanca­ne.

“Siyaziqhen­ya kakhulu ngeqembu lethu lamajuniya. Lisebenze ngokuzikha­ndla ukuze libuye nalezi zindondo ekhaya. Bafike laphaya benza konke ukubeka iNingizimu Afrika phambili. Lokhu kuzimisela silokhu sikubone njalo kubagijimi bethu. Sihlezi sibheke ukuba sendaweni yokuqala kodwa nalona wumsebenzi omuhle. Sihalalise­la abadlali, abaqeqeshi, izimenenja nabo bonke abebesethi­mbeni elilethe le mpumemelo,” kusho uSkhosana.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UCLARENCE Munyai (ophambili) ongumpetha omusha wase-Afrika kumajuniya
Isithombe: BACKPAGEPI­X UCLARENCE Munyai (ophambili) ongumpetha omusha wase-Afrika kumajuniya

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa