Isolezwe

Lithwelwe ngeqoma iqembu laseKZN

- MINENHLE MKHIZE

LITHWELWE ngeqoma ukuthi lingase liwudle umhlangani­so iqembu elizomela iKwa-Zulu-Natal (KZN) emidlalwen­i kazwelonke yeSminorf 1818 Raga Bolo ezoba se-The Cricket Oval, eGoli, ngoMgqibel­o.

IKZN izomelwa yiCibane Eating House and T Two K Tavern yaseMlaza okuyiyona edle umhlangani­so kulesi sifundazwe.

Ingwazi ye-Orlando Pirates uBennedict “Tso” Vilakazi ithe ihlabeke umxhwele ngezinga elibone eKZN ngesikhath­i kade ihambele imidlalo yokuhlunga.

UVilakazi ngelinye lamanxusa eRaga Bolo.

“Ezifundazw­eni engizihamb­ele ngithathwe yiKZN. Iqophelo beliphezul­u kakhulu futhi ngicabanga ukuthi amaqembu amaningi azothwala kanzima uma esebhekene naleli qembu elidle umhlangani­so eKZN. Liphethe abafana abasheshay­o futhi baqinile,” kusho uVilakazi.

Iqembu elidle umhlangani­so lizokhala lemuke no-R150 000 bese kuthi elishaywe emdlalweni wamanqamu lihlomule ngo-R50 000.

“Bakhona abadlali kule midlalo. Ngicabanga ukuthi amaqembu akhona abadlali angabathol­a kulo mqhudelwan­o. Yize abadlali bexubile ngokweminy­aka kodwa bakhona abancane obabonayo ukuthi bangafike bayibambe emaqenjini adlala esigabeni esikhulu,” kusho uVilakazi.

Amaqembu aqhamuka ezifundazw­eni ezehlukene zakuleli azohlukani­swa ngamaqoqo amabili kulo mqhudelwan­o ozoqala ngoMgqibel­o ngo-10 ekuseni bese uphothulwa ngo-5 ntambama.

U-Aphiwe Faku oyisikhulu esiphezulu kwezokuxhu­mana kwaRaga Bolo uthe amalungise­lelo omqhudelwa­no ahamba kahle.

“Konke sekumi ngomumo. Sesibheke usuku lwemidlalo. Seneme ngokuthi imidlalo yokuhlunga ihambe kahle yonke futhi asingabazi ukuthi nale yamanqamu izoba yimpumelel­o,” kusho uFaku.

Amanye amanxusa omqhudelwa­no azohambela imidlalo kazwelonke nguThabo Mngomeni, owaduma kuPirates, Sibusiso “Rhee” Zuma, owagqama kuBafana Bafana, nguVilakaz­i owayenguka­puteni wePirates, Pollen Ndlanya owayegijim­a ku-Orlando Pirates nakuKaizer Chiefs noStanton Fredericks, owayeyitap­eta kuChiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa