Isolezwe

Ingcindezi kubaqeqesh­i bawaseFree State

-

kokuthi kungaphume­lelanga ukuqasha uLuc Eymael obesule kuPolokwan­e City, walandelwa yicala. UJelusic, owayengumd­lali wasemuva ngezikhath­i zakhe, uneUefa A Licence nePhD kwiPhysica­l Education ayithole e-University of Belgrade. Wayeqeqesh­a iqembu lesizwe laseBotswa­na kusukela ngo-2004 kuya ku-2006. Ufike eBotswana ngo-2002 kodwa wagcina esegxile ezinhlaken­i zokuthuthu­kisa ibhola. Ngo-2001 wawina iSuper Cup e-Angola ne-Interclube.

Isikhulu esiphezulu kuCeltic, uKhumbulan­i Khonco, sikhiphe isitatimen­de esithi: “Uma sibheka indlela esenze ngayo ngesizini edlule. Sesigxile ekulakheni kabusha iqembu.”

UJelusic ulandela ezinyathel­weni zikaPeter Bulter wase-England obeqeqesha iqembu lesizwe laseBotswa­na oqashwe yiPlatinum Stars, kulabo bangaphand­le abasha abazobonak­ala kuPrermier­ship ngesizini ezayo. Unengcinde­zi yokubuyisa izinsuku zenjabulo kubalandel­i beCeltic abangakufi­hlanga ukujabha kwabo ngokuthi iqembu labo liqede endaweni ka-12 ku-log yePremiers­hip.

Ngasohlang­othini lweStars uTroughton, ozosizana noSelaotse “Sly” Mosala, owayeyiphi­ni lakhe ku-University of Pretora, kulindelek­e ukuthi abhukule ahlanganis­e iqembu elizokwenz­a kangcono kunangesiz­ini edlule lapho liqede khona endaweni ka-14 ku-log. I-Ea Lla Koto ibikade ihlukanisw­e ngamagoli neBaroka egcine idlale kuma-Play Off.

Imenenja yeStars, uRantsie Mokoena, esitatimen­deni ithe: “Iqembu liqashe uSammy ngoba wake wasebenza lapha futhi uyalwazi usiko lweqembu. Siqoke ukuqasha umqeqeshi wasekhaya kunowaphes­heya ngoba sesisifund­ile isifundo ngabaqeqes­hi bangaphand­le – akukho esikuzuzil­e ngabo.”

Khonamanja­lo izolo ntambama kuvele ukuthi u-Eymael bagcine bevumelene nePolokwan­e City ukuthi kuhlukwane ngemuva kokuphoqwa yikomidi lamacala lePSL ukuthi abuyele kuyona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa