UPhilani Zulu uselibamba kuKaizer Chiefs
USELIBAMBA kuKaizer Chiefs uPhilani Zulu obegijima kuMaritzburg United, ngokwesitatimende esithunyelwe Amakhosi.
UZulu uhlale izinyanga eziyisithupha engadlali kuTeam of Choice emuva kokunqaba kwakhe ukuvuselela inkontileka neqembu. Kwakukade kuvele ukuthi uhola u-R7 500 ngenyanga.
Phambilini uke wasebenza noSteve “Mphathi” Komphela ngesikhathi besayibamba kuMaritzburg United eMgungundlovu.
UZulu (28) usayine inkontileka yeminyaka emithathu ehambisana nombandela wokuthi yelulwe ngonyaka uma enze kahle. Amakhosi aphinde amemezela nesitobha saseZimbabwe uTeenage Hadebe osayine inkontileka efanayo nekaZulu.
“Sisebenze kanzima ngesikhathi sekhefu ukuqedela izingxoxo zokusayinisa la badlali. Kumele senze isiqiniseko sokuthi umqeqeshi uSteve nephini lakhe (uPatrick Mabedi) baneqembu eliqinile elizokwazi ukuba sembangweni (wezicoco),” kusho uMotaung esitatimende esithunyelwe yiChiefs.
Amakhosi asale encela izithupha uDaylon Classen esayina kuBidvest Wits ngesonto eledlule. Izolo i-Orlando Pirates imemezele ukuthi isayinise uThamsanqa Sangweni obegijima kwiChippa United.
IChiefs kuvela ukuthi ibikhona emaqenjini abefuna uSangweni kodwa uMotaung uphike wama ngentaba ukuthi bake baxoxa neChippa ngalo mdlali odabuka eDondotha.
“Asikaze sixhumane neChippa ngoSangweni. Lokho ngingakuqinisekisa,” kusho uMotaung izolo ekuseni.
Ngesizini edlule iChiefs iqede isizini ishwiba izandla emuva kokusayinisa inqwaba yabadlali egcine ngokuthi ibachithe.
Isayinise uLewis Macha, Keagan Buchanan, Mitchell Katsvairo, Edmore Chirambadare, Sibusiso “Madoh” Khumalo, Ramahlwe Mphahlele no-Ennocent Mkhabela.
UMacha, Katsvairo, Mkhabela noBuchanan bonke bagcine bephenduke ukudla kwebhentshi. UMacha, Katsvairo noMkhabela bachithiwe.