Isolezwe

Ujabhile behlulwa wukuvikela indebe

- ZAKHELE XABA

UPHOXEKILE behlulwa wukuvikela indebe yeCosafa Castle Cup umdlali wasesiswin­i weBafana Bafana, uCole Alexander, obefuna ukuzibekis­ela indawo kumqeqeshi uStuart Baxter.

U-Alexander ungomunye wabadlali abebeqala ukudlubha ijezi leqembu lesizwe obekulinde­leke ukuthi bakhombise ukuthi kubafanele ukudlala kwiBafana. Nokho elakuleli lihlulwe yiTanzania ngo 1-0 emdlalweni wama-quarterfin­al. Lokhu kusho ukuthi selihlulek­ile wukuvikela indebe yeCosafa eliyiwine ngaphansi komqeqeshi u-Ephraim “Shakes” Mashaba nyakenye. IBafana izobhekana neBotswana kumasemifi­nal e-Plate eMoruleng Stadium namuhla ngo-5 ntambama.

“Ngijabhile ngomphumel­a womdlalo nangendlel­a esidlale ngayo. Kuningi okuholele ekutheni singaphume­leli. Kodwa sizamile uma ubheka ukuthi siyiqembu elisha, ebeliqala ukudlala ndawonye futhi elithakwe nangabafan­a abancane,” kusho u-Alexander.

“Kuningi esikufundi­le nokufanele sikusebenz­ise emdlalweni olandelayo. Kufanele sigxilise imiqondo yethu sisebenze njengeqemb­u. Sidinga ukugwema amaphutha esiwenzile.”

Kubadlali abancane obekuthakw­e ngabo iqembu leBafana kukhona unozinti uBoalefa Pule, Thendo Mukumela, Innocent Maele, Jamie Webber nabanye.

UBaxter, ozwakalise ukuphoxeka ngomphumel­a womdlalo, kuyaziwa ukuthi uyazifela ngo-Alexander. Ngesikhath­i esapheka iKaizer Chiefs wazama wahluleka encenga izikhulu ukuthi zimthengel­e yena kuPolokwan­e City. U-Alexander ube ngomunye wabadlali abasayinis­we nguBaxter kwiSuperSp­ort United. UBaxter uyena osegcine enike u-Alexander ithuba lokudlala kwiBafana Bafana. “Bengifuna ukumdlalel­a ngakho konke enginakho uBaxter ukuze nangokuzay­o angangikho­hlwa eqenjini lesizwe. Kuyangijab­ulisa kakhulu ukumsebenz­ela njengomqeq­eshi. Ngijabule kakhulu ukuthi unginike ithuba lokudlala kwiBafana obekuvele kuyiphupho lami. Okufanele ngikwenze wukuqhubek­a nokusebenz­a kanzima,” kusho u-Alexander.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa