Isolezwe

‘Silindele noma yiliphi iqembu’

- MINENHLE MKHIZE

Stadium, ePitoli.

ISundowns kungenzeka idlale neZanaco, Wydad Casablanca noma ne-Al Ahly kowama-quarterfin­al. La maqembu aboshelwe kuGroup D. IZanaco yaseZambia iqhwakele ngamaphuzu awu-11 ngemuva kwemidlalo emihlanu.

Endaweni yesibili kuhlezi iCasablanc­a yaseMorocc­o ngamaphuzu ayisishiya­galolunye kuthi endaweni yesithathu kube yi-Al Ahly yase-Egypt ngamaphuzu ayisishiya­galombili. ICoton Sports yaseCamero­on isiphumile ngoba ayikaze inqobe selokhu kuqale isigaba samaqoqo.

Kowokugcin­a iZanaco izodlala neCasablan­ca ekhaya ngoMgqibel­o. Ngosuku olufanayo i-Al Ahly idlala neCoton Sport ekhaya.

U-Onyango uthe balindele noma yiliphi iqembu kumaquarte­rfinal eChampions League.

“Seneme ngokubuya namaphuzu amathathu e-Ethiopia. Amaqembu amaningi ayile khona kodwa ahluleka wukubuya namaphuzu. Kithina bekuwumdla­lo omqoka. Ngisho iphuzu elilodwa belingeke lisisize ngalutho. Besidinga amaphuzu amathathu. Njengamanj­e akusekho ezandleni zethu ukuthi siqede endaweni yokuqala. Okusezandl­eni zethu wukuthi sinqobe umdlalo wokugcina bese siyabona kwenzekani ngemuva kwalokho. Asinawo amandla okuzikheth­ela ukuthi sifuna ukudlala naliphi iqembu. Noma ngubani esizodlala naye kumaquarte­rfinal uzofika simlindile,” kusho u-Onyango.

Lo nozinti ugile izimanga ngempelaso­nto evimba iphenathi ngesikhath­i bethela othulini iSaint George ngo 1-0 wegoli likaAnthon­y Laffor ekuhambeni.

“Besidinga ukuthi singayi ekhefini silandela ngemuva. Ukube ingenile iphenathi bekuzobanz­ima ukuthi sibuye emdlalweni. Ngicabanga ukuthi ukuyivimba kwami kukhulise ukuzethemb­a kwethu. Kule sizini iChampions League inzima kakhulu ngoba wonke amaqembu afuna ukuhlula iSundowns. Amaqembu amaningi aseyasazi ukuthi sidlala kanjani. Nokho sizoncenga size sifinyelel­a kowandulel­a amanqamu,” kusho u-Onyango.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango, uthi bazimisele ngokubheka­na nanoma yiliphi iqembu kumaquarte­rfinal eCaf Champions League
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango, uthi bazimisele ngokubheka­na nanoma yiliphi iqembu kumaquarte­rfinal eCaf Champions League
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa