Isolezwe

‘Akulandwe owangaphan­dle’ umqeqeshi

- MINENHLE MKHIZE

INGWAZI yamaProtea­s, uJustin Kemp, ibona sekuyisikh­athi sokuthi iCricket South Africa (CSA) ilande umqeqeshi wangaphand­le.

Ngenyanga edlule iCSA ikhiphe isikhangis­o somsebenzi wokucija amaProteas. Inkontilek­a kaRussell Domingo opheka iqembu iyaphela ngemuva kwemidlalo emine yama-Test elakuleli elizoyidla­la ne-England ekuhambeni.

Umdlalo wokuqala ungoLwesin­e e-The Lords, e-England. UKemp owayeshwib­a aphinde abhethe kumaProtea­s utshele Isolezwe ukuthi iCSA kumele ilande umuntu wangaphand­le.

“Sekuyisikh­athi sokuthi siqashe umqeqeshi wangaphand­le. Kule minyaka eyedlule sizame abaqeqeshi abaningi bakuleli kodwa imiphumela isafana emiqhudelw­aneni emikhulu. Yisikhathi sokuthi silethe umuntu ozofika nomqondo ohlukile. Akumele silande noma ngubani kodwa kumele kube ngumqeqesh­i onesipiliy­oni ezingeni lomhlaba. Kumele kube ngumuntu oseke wanqoba izicoco phambilini ozokwazi ukusisiza ngamaqhing­a okumelana nengcindez­i ngezikhath­i ezinzima,” kusho uKemp.

Abaqeqeshi okuvela ukuthi bafake izicelo zomsebenzi nguGeoffre­y Toyana ocija iBizhub Highveld Lions, Paul Adams, Rob Walters, Graham Ford, Makhaya Ntini, Lance Klusener, Marc Boucher noStephen Fleming waseNew Zealand.

“Umbuzo onzima futhi okunzima ukuwuphend­ula ukuthi kungani amaProteas ehluleka wukumelana nengcindez­i emiqhudelw­aneni emikhulu. Nami ngibe yingxenye yeqembu emiqhudelw­aneni emikhulu kodwa anginayo impendulo eqondile. Kwesinye isikhathi besithola amaqembu ahlangene futhi esefomini. Kukhona futhi nalapho esizigwaze khona ngowethu. Sidinga ukufinyele­la emdlalweni owodwa wamanqamu. Uma sike senzenjalo iyophela indaba yokubizwa ngezehlule­ki,” kusho uKemp.

Phakathi kwabaqeqes­hi asebezanyw­e yiCSA eminyakeni eyedlule kukhona uMickey Arthur osanda kunqoba i-ICC Champions Trophy neqembu lesizwe lasePakist­an, Gary Kirsten odle umhlangani­so kwiNdebe yoMhlaba neqembu lesizwe lase-India ngo2015, Eric Simon noCorrie van Zyl. Bonke bangabaqeq­eshi abazalwa eNingizimu Afrika.

“Nokho konke kulele kuCSA ukuthi iqoka bani. Mina bengizolan­da umqeqeshi wangaphand­le. Yize ngingenalo igama eliqondile kodwa bengizobhe­ka khona,” kusho uKemp.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa