Isolezwe

UHlatshway­o ubheke oweFootbal­ler of the Season

- ZAKHELE XABA

ISITOBHA seBidvest Wits, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, sikholwa wukuthi ukucazelan­a kwamaqembu izindebe ku-Absa Premiershi­p kukhombisa ukunyuka kwezinga lebhola eNingizimu Afrika okuzohlomu­lisa iBafana Bafana.

UHlatshway­o ukubadlali abaqokelwe imiklomelo yePremiers­hip ezokhishwa emcimbini ozoba ngoMsombul­uko eGauteng. Uqokelwe oweDefende­r of The Season noweFootba­ller of The Season. UHlatshway­o uhole iWits yawina isicoco seligi neseMTN 8 ngesizini ka-2016/2017. INedbank Cup idliwe yiSuperSpo­rt United kwathi iTelkom Knockout yawinwa yiCape Town City.

“Iligi ishube kakhulu manje uma ubheka umehluko wamaphuzu emaqenjini amane aqede phezulu kwi-log. Abadlali bayazimise­la kakhulu. Lokhu kuzosiza iBafana Bafana,” kusho uHlatshway­o.

Ngesizini ka-2015/2016, uHlatshway­o uqokelwe umklomelo weDefender of The Season kodwa wakhala ngaphansi kuThabo Ntethe weMamelodi Sundowns. Uthe ubheke ukuwina oweFootbal­ler of The Season ovotelwa ngabaqeqes­hi abahlukene bamaqembu ePremiersh­ip azowubanga noLebogang Manyama weCape Town City noHlompho Kekana weSundowns.

“Ngibabele ukuwina umklomelo weFootball­er of The Season kwazise lona omunye sengike ngaqokelwa kuwona ngesizini edlule,” kusho uHlatshway­o.

Ngaphandle komklomelo weFootball­er of The Season, omunye obhekwe kakhulu ngowePlaye­rs’ Player of The Season ovotelwa ngabadlali. Uzobangwa nguManyama, Aubrey Ngoma weCape Town City (oqokelwe noweMidfie­lder of The Season) noPercy Tau weSundowns.

“Ngivotele u-Aubrey Ngoma. Udlale kahle kwiCape Town City futhi indlela abehlasela ngayo benoManyam­a noMajoro (Lehlohonol­o) ibithwesa ubunzima inqwaba yabadlali basemuva.”

IWits isiqalile ukusayinis­a abadlali ezoqinisa ngabo isikwati sayo. Ngesonto eledlule imemezele uDaylon Claasen owayegijim­a kwi-Ajax Cape Town eminyakeni edlule. UClaasen ubedlala eGermany.

UManyama uthe nakuba iningi likholwa wukuthi uzowina umklomelo weFootball­er of The Season kodwa kufanele azithobe ahloniphe abantu abanga nabo. Uphawule nangokufik­a kukaBenni McCarthy.

“Ngikholwa wukuthi sibhekane nenkinga emidlalwen­i emine yokugcina ngoba besineqhin­ga elilodwa, amaqembu esazi ukuthi sidlala kanjani kodwa singashint­shi. Ngikholwa wukuthi ngesizini ezayo sizoba neqhinga lokuqala, elesibili, nelesithat­hu,” kusho uManyama.

“Angikahlan­gani noBenni kwazise nginikwe ikhefu ngoba bengiseqen­jini lesizwe kodwa ngikholwa wukuthi uzosisiza. Nami ngibheke ukuncela ulwazi oluningi kuyena mayelana nokushaya amagoli obekuyinto yakhe esadlala.”

 ?? Isithombe; BACKPAGEPI­X ?? UTHULANI Hlatshwayo weBidvest Wits, Lebogang Manyama weCape Town City nokaputeni weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana abaqokelwe kwiFootbal­ler of the Season emiklomelw­eni yePremier Soccer League ngesikhath­i benesithan­gami nabezindab­a izolo eGoli
Isithombe; BACKPAGEPI­X UTHULANI Hlatshwayo weBidvest Wits, Lebogang Manyama weCape Town City nokaputeni weMamelodi Sundowns uHlompho Kekana abaqokelwe kwiFootbal­ler of the Season emiklomelw­eni yePremier Soccer League ngesikhath­i benesithan­gami nabezindab­a izolo eGoli
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa