Isolezwe

Indida uSangweni esayina kwiPirates

- MINENHLE MKHIZE

IPHENDUKE indida indaba yokusayina kukaThamsa­nqa “General” Sangweni kwi-Orlando Pirates.

Izolo emini iPirates ifake kwiwebsite yayo naku-twitter ukuthi uSangweni usengumdla­li wayo ngokugcwel­e.

Idalule ukuthi uSangweni usesayine inkontilek­a yeminyaka emithathu ezophela ngo-2020.

Kube sekucashun­wa uSangweni ejabulela ukusayina kwiPirates.

“Ngijabule ngokujoyin­a iqembu. Sengilanga­zelele ukwenza kahle ngiphinde ngisize iqembu libuyele endaweni okwaziwayo ukuthi liyifanele. Ngifuna ukubonga usihlalo nabalandel­i beChippa ngakho konke abengenzel­e kona, ngalokho ngohlale ngibonga,” kusho uSangweni kwi-website yePirates.

Emasontwen­i adlule imenenja kaSangweni, u-Ali Tlhoaele, itshele leli phephandab­a ukuthi usanda kuvuselela inkontilek­a yakhe ngeminyaka emithathu kwiChippa.

Ngesikhath­i leli phephandab­a lithinta umthombo osondelene noSangweni uthukile ukuthi usesayinil­e.

“USangweni akakasayin­i kwiPirates. Osihlalo bamaqembu womabili (uSiviwe Mpengesi weChippa noKhoza wePirates) basaxoxa. IPirates ijahe ukumemezel­a ukuthi isimsayini­sile ngoba ifuna amanye amaqembu amfunayo akhohlwe ngaye. Ngikhuluma nawe nje imenenja yakhe okumele ixoxe nePirates ngezimfuno nayo ayazi ithuke ngoba isibona kubhalwe kwi-website yePirates ukuthi umdlali usesayinil­e,” kusho umthombo ocele ukuthi ungadalulw­a.

IPirates ayiqali ukusayinis­a umdlali bese kusala imibuzo ngaye. Ngesizini edlule uRiyaad Norodien no-Abbubaker Mobara bamangala kuvela izindaba zokuthi basayine kwiPirates yize begcine bephelele kuyona. UNorodien

waveza ukuthi watshelwa ngomqhafaz­o ukuthi usengumdla­li wePirates. NangoJanuw­ari kwaba nesiphithi­phithi ngesikhath­i uMarc van Heerden noJames Okwuosa besayina kwiBucs besuka kwiChippa.

I-United yale yaphetha ukuphawula ngendaba kaSangweni.

UMpengesi uthe ngeke akwazi ukuphawula kwathi uLukhanyo Mzinzi ongomunye wezikhulu zeqembu wathi akuthintwe uLuthando Zibeko wezokuxhum­ana.

UPeter Kotroulis oyisikhulu esiphezulu ucele ukuthi abuye athintwe ngemuva kwehora lesine kodwa ngemuva kwalokho ubengasath­olakali. Ocingweni lwakhe bekuzwakal­a umyalezo othi akakwazi ukukhuluma umatasa.

“Ngeke sisho lutho ngendaba kaSangweni. Kungani ungiphoqa ukuthi ngiphawule ngoSangwen­i ekubeni ngisho ukuthi sizokhipha isitatimen­de uma sesibona ukuthi isikhathi siyavuma? IPirates inendlela eyenza ngayo izinto futhi nathi sineyethu indlela yokwenza izinto. Fonela yona iPirates,” kusho uZibeko.

Ngesikhath­i ethintwa yileli phephandab­a okokuqala uveze ukuthi akayifundi i-website yePirates futhi usalinde isitatimen­de esivela kusihlalo.

UTlhoaele ucele ukuthi abuye athintwe kodwa wangabe esatholaka­la.

UThandi Merafe wezokuxhum­ana kwiPirates ukuqinisek­isile ukuthi uSangweni usengumdla­li wePirates.

“Ngeke size sibhale kwi-website ekubeni umdlali singamsayi­nisile. Njengoba sibhale ukuthi simsayinis­ile kuchaza kona ukuthi usengoweth­u,” kusho uMerafe.

 ??  ?? UTHAMSANQA Sangweni emi nosihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza kulesi sithombe esifakwe kwi-website yeqembu izolo emini
UTHAMSANQA Sangweni emi nosihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza kulesi sithombe esifakwe kwi-website yeqembu izolo emini
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa