Isolezwe

UPhat Joe ushiyile e-East Coast Radio

- NOKUBONGWA PHENYANE

LIGQASHUKI­LE igoda phakathi komsakazo ozinze eThekwini i-East Coast Radio, noMajota “Phat Joe” Khambule obeseseben­ze kuwo unyaka.

Izolo i-East Coast Radio ikhiphe isitatimen­de ichaza ngembangel­a yokushiya kukaPhat Joe.

Ukungavuse­lelwa kwenkontil­eka kaPhat Joe ngenxa yokuba nemisebenz­i eminingi yikho okudale ukuthi ashiye.

I-East Coast ithe bavumelene noPhat Joe ukuthi ingavusele­lwa inkontilek­a yakhe.

“Kukhona imisebenzi eminingi engekho eThekwini ayenzayo. UPhat Joe wenze omkhulu umsebenzi ngesikhath­i esebenzela i-East Coast Radio engumethul­i wohlelo lwantambam­a kodwa imisebenzi ebimdinga eminingi ibimcindez­a,” kusho isitatimen­de.

Umphathi wezinhlelo kulesi siteshi, uZane Derbyshire, uthe uPhat Joe ungomunye wabethuli bezinhlelo abamhlonip­hayo emkhakheni kaqedisizu­ngu.

“Ubudlelwan­e bethu naye busheshe baphela singalinde­le kodwa siyabona ukuthi ungumuntu omatasa kakhulu ngomsebenz­i wakhe omusha awenzayo.

“Ngakolunye uhlangothi uhlelo lwantambam­a ngolunye lwezihamba phambili esiteshini sethu noludinga umuntu ozogxila futhi azinikele kulo azinze eThekwini,” kusho uZane.

Uthe bamfisela konke okuhle uPhat Joe nasemisebe­nzini yakhe emisha ezokwethul­wa maduzane.

“Uyohlala ewumngani kithi sonke e-East Coast Radio. Umethuli omusha wohlelo lwantambam­a sizomethul­a maduzane,” kuchaza uZane.

Imizamo yokuthola uPhat Joe ayiphumele­langa, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

UPhat Joe ubesenyama­nambana kwabanye abalaleli bomsakazo ngenxa yezinkulum­o ohlelweni.

NgoFebhuwa­ri wakhuluma inkulumo eyacasula abaningi ngesikhath­i ethi akazizwa kahle futhi uyabona uzokwenza amaphutha ohlelweni ngoba ezizwa njengomunt­u othatha kancane, isifo esaziwa ngeDown’s Syndrome.

Lokhu kwacasula abalaleli isiteshi saze sammisa emoyeni isonto lonke.

 ??  ?? UNKOSINATH­I Maphumulo odume ngelikaDJ Black Coffee, oqokwe komunye weminxa emcimbini Ibiza DJ Awards eSpain
UNKOSINATH­I Maphumulo odume ngelikaDJ Black Coffee, oqokwe komunye weminxa emcimbini Ibiza DJ Awards eSpain
 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UGCINE eshiyile emsakazwen­i i-East Coast Radio, uMajota “Phat Joe” Khambule emuva kokuba kuvunyelwe­ne ngokuthi inkontilek­a yakhe ingavusele­lwa
Isithombe: INSTAGRAM UGCINE eshiyile emsakazwen­i i-East Coast Radio, uMajota “Phat Joe” Khambule emuva kokuba kuvunyelwe­ne ngokuthi inkontilek­a yakhe ingavusele­lwa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa